Izindaba

Babhekelela imiphakathi ngokuvula izitolo abakwaCheckrite

Nokubongwa Phenyane|Published

Bekuyinjabulo yodwa kubantu baseGingindlovu iMeya yaseMlalazi uNkk Queen Xulu nabanikazi besitolo uCheckrite esivulwe ngoLwesithathu kule ndawo

Image: Sibonelo Ngcobo

ABAPHATHI besitolo sakwaCheckrite, bathi babhekelela ukusiza kakhulu umphakathi njengoba belokhu beqhubekile nokuvula amagatsha ezitolo emadolobheni ahlukene kuleli.

Lokhu bakusho ngeledlule bevula igatsha labo lesi-93 eGingindlovu.

Omunye wabaphathi, uMnuz Mohammed Ameen, uthe kuyabajabulisa ukuthi balokhu beqhubekile nokusiza emiphakathini ehlukene kuleli okungagcini nje ngokuthi bayilethele ukudla okusezingeni kodwa bavula amathuba emisebenzi.

"Wonke umsebenzi ombona lapha, owakhona lapha eGingindlovu. Akekho oqhamuka kude noma esithi sisuke naye kwenye indawo ukuze azosebenza lapha. Sifike safuna abantu khona lapha eduzane sabaqeqesha, base bethola umsebenzi. Kuyasijabulisa ukuqhubeka nokuvula izitolo zalolu hlobo ezindaweni ezihlukene. Asimile sibheke phambili njengoba sihlela ukuya nakwamanye amadolobha, indlela intsha ebhekene nezinselelo ngayo sifuna ukukushintsha lokho," kusho u-Ameen.

Izakhamuzi zaseGingindlovu zithakasele ukukhithiza kulesi sitolo

Image: Sibonelo Ngcobo

UNkk Queen Xulu oyiMeya yaseMlalazi, uthe ujabula nabantu baseGingindlovu ngokuthi bavulelwe isitolo salolu hlobo kubo esisezingeni eliphezulu futhi elizosiza imindeni eminingi ukuxosha ikati eziko.

"Nawe uyabona ukuthi isitolo esihle esihlanzekile futhi nokudla okukhona phakathi kuyabukeka, ngakho lokho thina njengabantu esibhekelele umphakathi kuyasijabulisa. Okunye okusijabulisayo ukuthi intsha iyona eqashwe kakhulu uma kuziwa emathubeni omsebenzi, siyabonga kubaphathi balesi sitolo," kusho uNkk Xulu.

Kulo mcimbi umphakathi ubusuvive ngezinqola phandle ufuna ukungena bazitapele ukudla okuhlukene njengoba bekunendali enkulu.

UNkk Queen Xulu oyiMeya yaseMlalazi nezikhulu zakwaChecksrite

Image: Sibonelo Ngcobo

Izakhamuzi zaseGingindlovu zithakasele ukukhithiza kulesi sitolo

Image: Sibonelo Ngcobo