Izindaba

Sizovalwa indodakazi kaZuma isikhala sikaDuduzile ePhalamende

Sabelo Nsele|Published

UNksz Brumelda Zuma nomholi weMK, uJacob Zuma

Image: Facebook

IZOFUNGISWA ngoLwesithathu indodakazi yomholi weMK, uJacob Zuma, uNksz Brumelda Zuma, ezovala isikhala esivuleke emva kokushiya kukadadewabo ePhalamende, uNkk Duduzile Zuma-Sambudla. 

USotswebhu omkhulu weMK ePhalamende, uNkk Colleen Makhubele, umemezele ukuthi uNksz Zuma uyingxenye yamalungu eqembu amane azofungiswa.

UNkk Makhubele uthe uNksz Zuma unolwazi olunzulu lokusebenza kukahulumeni. Ngokuthola kweSolezwe uNksz Zuma uneziqu zePublic Administration azithola e-University of Zululand.

"Usebenzele uhulumeni ngokuzikhandla. Uyakwazi ukubaluleka kokushaywa kwemithetho ezokwelekelela ekushintsheni izimpilo zabantu."

Ukushintshana kwamadodazi kaZuma kushiye imibuzo, kwakhona abakhala ngetiye.

Kodwa uNkk Makhubele uthe uNksz Zuma ungumholi naye ngokwakhe.

"Uqale lapha ezinhlangwanweni zabafundi, waba umholi nasemagatsheni. Uthando lwakhe lokulwela intsha ilona olumenza ukuthi aqhubeke nokuba ingxenye yomzabalazo."

UNkk Zuma-Sambudla wesule ePhalamende emva kokuba evulelwe icala lokushushimbisa abalisa abangu-17 bakuleli abavaleleke empini ephakathi kwamazwe iRussia ne-Ukraine.

UNkk Zuma-Sambudla usolwa ngokudukisa labalisa ngokuthi bayoqeqeshelwa ukuba abaqaphi eRussia kodwa bazitholwa sebelwa ne-Ukraine.

Omunye ozofungiswa ngoLwesithathu iloyo owayeyiPhini likaNgqongqoshe wamaPhoyisa, uMnuz Bongani Mkongi. 

UMkongi waba iPhini likaNgqongqoshe wamaPhoyisa phakathi kuka-2017 no-2019.

UMkongi wake wangena ekukhulumeni ngo-2017 ngesikhathi ekhala ngokugcwala kakhulu kwabantu bokufika emadolobheni akuleli. 

UMkongi wagxekwa izinhlangano eziningi okukhona kuzo nenhlangano yamalungelo abantu, iSA Human Rights Organization, eyamsola ngokuphehla udlame olubhekiswe kwabokufika.

UMkongi akazange abuyiselwe esikhundleni emva kokhetho lwango-2019, ushiye kwi-ANC ngonyaka owedlule.

UNkk Makhubele uthe uMkongi uzokuba usizo olukhulu njengoba enomlando kwezepolitiki kanye nasezikhundleni.

"Uqale ukuba ingxenye yezepolitiki ezinhlanganweni zabafundi wabuye wadlulela ezinhlanganweni ezilwela amalungelo abantu abasha. Ngo-2004 waba ngomunye wabantu abasha abafungiswa njengamalungu ePhalamende."

Isikhala okuzongena kuso uMkongi sivuleke emva kokwesula kowayeyisikhulu eTransnet, uMnuz Lucky Montana.

UMontana usule ngeledlule, bekuvele kukhona ezinye izikhala ezimbili ngaphambi kokwesula kwakhe.

 Abanye abazofungiswa uMnuz Pumlani Kubukeli noNkk Makhosazana Radebe.