UMENGAMELI we-ANC, uMnuz Cyril Ramaphosa ekhuluma embuthanweni wale nhlangano eGoli izolo
Image: Itumeleng English/ Independent Newspapers
UMENGAMELI we-ANC, uMnuz Cyril Ramaphosa, uthi azoziphumela wona amasela kule nhlangano njengoba beqale uhlelo lokuyakha kabusha.
URamaphosa uthe izinhlelo zokwakha kabusha i-ANC zizobakhafulisa okolwandle labo abenza okungalungile.
Ukusho lokhu ngesikhathi ethula inkulumo yokuvula ingqungquthela iNational General Council (NGC), eGoli, izolo.
URamaphosa uthe baqala umbhidlango wokwakha kabusha i-ANC ngoba nakhu befuna ukukhiphela ngaphandle labo abenza okungalungile.
URamaphosa uthe umbhidlango usuqalile ukuthela izithelo, wathi ngokuhamba kwesikhathi i-ANC izosala nabaholi abaqotho kuphela.
"Njengoba sasho ngesikhathi kunomgubho weJanuwari 8 ukuthi kufanele sihehe abaholi abaqotho futhi abafuna ukusebenzela abantu. Saqhubeka sasho ukuthi kufanele siqinise imithetho elandelwayo uma ufuna ukujoyina i-ANC noma uma ufuna ukukhethelwa esikhundleni. Lokhu kuzosisiza ukuba sikhiphe amasela. I-ANC eyakhiwe kabusha izokwenza isiqiniseko sokuthi bathathelwa izinyathelo abaphula imithetho. Ngokuhamba kwesikhathi azoziphumela wona amasela, labo abathanda imali kanye nalabo abagovuza imibango yezikhundla."
URamaphosa uthe bafuna ukulwa nenkohlakalo.
Uthe unethemba lokuthi ikhomishini kanye nekomiti lasePhalamende eliphenya izinsolo ezenziwa uKhomishana wamaPhoyisa KwaZulu-Natal, uLieutenant General Nhlanhla Mkhwanazi, lizoqhamuka nezincomo ezizosiza ekulweni nenkohlakalo.
URamaphosa uthe izithunywa kuzofanele ziqhamuke namasu okunqoba ukhetho lohulumeni basekhaya oluzayo.
I-ANC yahlangana nezimbila zithutha okhethweni lukazwelonke lwangonyaka owedlule njengoba yathola u-40%.
URamaphosa uthe abazange bakhankase ngokwanele.
"Uma sizokhuluma iqiniso asizange sikhankase ngokwanele ingakho abantu abaningi bengazange bavote. Abantu bakhetha ukuzihlalela emakhaya ngosuku lokhetho ngenxa yokuthi asiyanga kubona ukuyobanxenxa ukuba basivotele. Njengoba siya okhethweni oluzayo kufanele sizame ukuqinisa umkhankaso wethu. Kufanele sibuyele endleleni ebesenza ngayo yokungenela abantu emakhaya."
URamaphosa uthe isinqumo sedlelandawonye iSACP, sokungenela ukhetho ngokuzimela, sizolimaza i-ANC okhethweni oluzayo.
"Izinketho zokuchibiyela zakamumva zikhombise ngokusobala ukuthi ukungenela kokhetho kwethu ngokwahlukana kusibeka engcupheni yokuhlulwa okhethweni njengoba lokhu kudida abantu."
Ngaphandle kwalapho obekubanjelwe khona ingqungquthela abasebenzi be-ANC abangaholile bebenombhikisho.
Abasebenzi abangaholile bathe basabela ukuthi bangase bebe noKhisimuzi omnyama.
Ingqungquthela izophela ngoLwesine.
Related Topics: