Izindaba

Kuzoqiniswa ezokuphepha kofakazi kwekaMadlanga

Sabelo Nsele|Published

Kuqiniswe ezokuphepha kulandela ukubulawa kukafakazi

Image: Timothy Bernard / Independent Newspapers

KUZOQINISWA ezokuphepha kofakazi kwikhomishini ephenya izinsolo ezenziwa uKhomishana wamaPhoyisa KwaZulu-Natal, uLieutenant General Nhlanhla Mkhwanazi, kulandela ukusocongwa kukafakazi obeyimfihlo, uMnuz Marius van Der Merwe.

Izinhlaka zokuphepha okukhona kuzo amaphoyisa, amasosha nezinhloli, iNatjoints, zibambe umhlangano ophuthumayo nezikhulu zekhomishini eholwa iJaji Mbuyiseli Madlanga, lapho kubhungwe khona ngodaba lokusocongwa kukaVan Der Merwe.

UVan Der Merwe udutshulwe ngesibhamu esikhulu phambi kukankosikazi nezingane zakhe ngoLwesihlanu, ebusuku.

UVan Der Merwe wayebizwa ngoWitness D ngesikhathi evele phambi kweKhomishini kaMadlanga, ubuso bakhe abuzange buvezwe njengoba kwakuzwakala izwi ngesikhathi ethula ubufakazi. 

Ebufakazini bakhe uVan Der Merwe waveza inkohlakalo eyayenzeka kuMasipala waseKurhuleni. 

Isitatimende esikhishwe izinhlaka zokuphepha ngokuhlanganyela nekhomishini kaMadlanga siveze ukuthi kuzoqiniswa ezokuphepha kofakazi kanye nabasebenzi bekhomishini.

"Nakuba kwaqhanyukwa nezinhlelo ezinqala zokuqinisekisa ukuphepha kofakazi nabasebenzi bekhomishini ngesikhathi kuqala ikhomishini, sivumelene ngokuthi sikhona isidingo sokuba siphinde siqinise ezokuphepha ngokuba sicele iNatjoints kanye nezinye izinhlaka ukuba zibe ingxenye yokuqinisekisa ukuphepha kofakazi nabasebenzi bekhomishini."

INatjoints inxuse abantu ukuthi balinde uphenyo.

UNgqongqoshe wezoBulungiswa, uNksz Mmamoloko Kubayi, uthe uVan Der Merwe wanqaba ukufakwa ngaphansi kohlelo lokuvikelwa kofakazi. 

"Ngaleso sikhathi wathi akasiboni isidingo sokuthi afakwe ngaphansi kohlelo lokuvikelwa kofakazi njengoba enenkampani yonogada."

UNksz Kubayi uthe bazobuyekeza ukuvikeleka kofakazi. Ikhomishini yayikade ifuna ukuthi uVan Der Merwe kanye nabanye ofakazi abayimfihlo bethule ubufakazi esithe.

Ikhomishini yabuye yashintsha emva kokuba abezindaba baphonsele inselelo isinqumo sokulalelwa kobufakazi esithe, yathi ofakazi bazothula ubufakazi besendaweni efihliwe.

UNksz Kubayi uthe lokhu kwenza ukuthi ofakazi abayimfihlo bagcine sebaziwa ukuthi bangobani.

UNksz Kubayi uthe bafuna ukuthi ikhomishini isibhekisise kabusha isinqumo sayo.

"Le nto ibeka engcupheni ofakazi abayimfihlo njengoba begcina sebaziwa ukuthi bangobani."

UMengameli, uCyril Ramaphosa, uthe kusobala ukuthi ubufakazi bukaVan Der Merwe bucasule izinswelaboya ezifuna ukuqhubeka nokuphula umthetho.

"Kuyashaqisa ukubulawa kukaVan Der Merwe. Sizoqhamuka nezinhlelo zokuvikela abantu ababika ngenkohlakalo."

Ukubulawa kukaVan Der Merwe kugxekiwe kakhulu amaqembu ezepolitiki ahlukene.