Zingiswa Losi
Image: Independent Newspapers
UMENGAMELI weCosatu, uNksz Zingiswa Losi, uthe ngeke beweseke umshoshaphansi wokugudluza umholi we-ANC, uMnuz Cyril Ramaphosa.
UNksz Losi uthe ngeke baze baseke umkhankaso oqhutshwa abantu abazifihlile.
Ukusho lokhu ngesikhathi ekhuluma emcimbini wokugubha iminyaka engu-40 kwasungulwa iCosatu obuseDobsenville Stadium, eGoli, ngempelasonto.
Kunamahlebezi okuthi kukhona amalungu e-ANC athunga itulo lokugudluza uRamaphosa njengoba kuza ingqunguthela iNational General Council (NGC), kuleli sonto.
URamaphosa ubambe ihlandla lesibili kwesokuhola i-ANC, isikhathi sakhe sizophela ngo-2027.
Uvele usuqalile umkhankaso walabo abagaqele isikhundla esiphethwe uRamaphosa.
UNksz Losi unxuse labo abagaqele isikhundla ukuba balandele imigomo ye-ANC.
"Asizange sisikhiphe isitatimende ngalolu daba ngoba besingafuni ukunaka into ekhulunywa abantu abacashile. Lena inkinga ehlasela kuwo wonke amaqembu uma kubhekwe ezingqungqutheleni. Uma kuwukuthi bayayazi into abayikhulumayo laba abafuna ukugudluza umengameli, abavele obala. Onke amalungu e-ANC anelungelo lokungenela umbango wezikhundla. Awukwazi ukukhankasela isikhundla ngokuthi ukhulume kabi ngabanye abaholi benhlangano. Kufanele usho ukuthi wena yini ozoyenza kangcono."
UNksz Losi uthe abayazi into abayikhulumayo labo abaqhuba umkhankaso wokugudluza uRamaphosa.
"Asikwazi ukunaka abantu abacabanga kancane. Thina sinobuholi esabukhetha engqungqutheleni eyayiseNasrec. Sinabaholi abayisikhombisa abanezikhundla. Thina singamadlelandawonye ne-ANC eholwa uRamaphosa."
I-ANC, ANC Youth League ne-ANC Women's League bawuhlaba bawuhlikiza umkhankaso walabo abafuna ukuketula uRamaphosa.
UNksz Losi uphinde wanxusa i-ANC nedlelandawonye layo, iSACP, ukuba bakhulume ngezwi elilodwa.
I-ANC neSACP ababoni ngaso linye kulezi zinsuku kulandela isinqumo seSACP sokungenela ukhetho lohulumeni basekhaya oluzayo ngokuzimela.
UNksz Losi uthe i-ANC neSACP bayadingana, waxwayisa ngokuthi ukungezwani kwabo kuzokwenza ukuthi bahlulwe okhethweni.
"Kufanele sibonisane ukuthi sizozingenela kanjani izinketho ukuze sizokwazi ukuqhubeka nombhidlango wethu wokuthuthukisa abantu."
Khonamanjalo uNobhala Jikelele we-ANC, uMnuz Fikile Mbalula, uthe konke sekumi ngomumi ngamalungiselelo eNGC.
INGC izoqala kusasa ize iyovalwa ngoLwesine.
Related Topics: