Izindaba

SIGOQA ISONTO: Sizoqeda ngabathuka iSilo: iNkosi uZondi

Nokubongwa Phenyane|Published

INKOSI uMalusi Zondi

Image: SIBONELO NGCOBO/INDEPENDENT MEDIA

INkosi uMalusi Zondi echaze kabanzi ngokuthi kwenzeke kanjani ukuthi ibe ngenye yamakhosi akwaZondi nesikhundla sayo sokuba wuShansela eNdlunkulu

Image: Sibonelo Ngcobo

ITHEMBISA ukusifela isihlalo sobukhosi bukaZulu, Inkosi uMalusi Zondi, ethi abantu abathuka iSilo ezinkundleni zokuxhumana bazobafuna babathole futhi babaqondise.

INkosi uZondi inikwe isikhundla sokuba uShansela eNdlunkulu kaZulu, nokuyisikhundla esizoyenza ihlanganise amakhosi, akwamanye amazwe neNdlunkulu, kaZulu.

Engxoxweni neSolezwe Ngempelasonto, uZondi ukhulume ngokubukela phansi iSilo wathi kuvele kube khona abantu abasichapha ngenhlamba noma bakhulume noma yini ebukela isihlalo phansi bese kuyathuleka.

“Laba abavula amakhasi besebenzisa amagama okungesiwona awabo, sizobafuna sibathole futhi sizobaqondisa njengoba kungekuhle ukuthi bavele bakhulume inoma yikanjani ngeSilo Indlulamithi. Isikhundla sokuba uShansela eNdlunkulu ngizosisebenzisela ukulungisa konke obekungahambi kahle abantu benza abakuthandayo besebenzisa izinkundla zokuxhumana. Kodwa okuhle kakhulu wukuthi ngaso kumele ngibe wumlomo wamakhosi, weNdlunkulu emazweni ahlukene ukuze ubukhosi bakithi buhlonipheke,” kusho iNkosi uZondi.

Uveze ukuthi naye uyiNkosi njengoba isihlalo akuso kwakumele sithathwe uyise,  umkhulu wakhe (kayise) wayeyiNkosi kodwa lokho kwangenzeka.

“Kungenzeka ukuthi abantu bayazibuza ukuthi ngiyiNkosi kanjani, yebo akhona amakhosi akwaZondi, aziwayo mina ngizovusa isigodlo esizokwakhiwa maduzane eRichmond, lapho ngizobusa khona. Kwahlangana wonke amakhosi akithi abona ukuthi kumele ngisithathe lesi sihlalo. Izinto eziningi bezingenzeki ngoba angisinelwe, kodwa ngoDisemba 14, okuyisonto elizayo ngizobe ngisinelwa bese zonke ezinye izinto zihanjiswa ngendlela,” kusho uZondi.

Uthe into ayilwela njengoba angena emzabalazweni esemncane wukuthi intsha ithole amathuba kuhulumeni ezinkampanini ezehlukene.

“Mina ngihlale kakhulu emazweni afana neTanzania ngoba sasilwa sifuna ukuphila kahle. Ukukhulela kwami KwaMashu kwangenza ngangena kwi-ANC Youth League, salwa kakhulu nengangingazi ukuthi kuyoze kushaye le minyaka ngisaphila ngendlela izinto ezazizimbi ngayo. Kodwa kuthe konke sekugcono ngaqala nabanye abafowethu sasungula izinhlangano ezilwela ukuthi intsha ithole umsebenzi ezinkampanini nakuhulumeni uma zizosebenza emphakathini,” kuchaza yena.

Uveze ukuthi ekuhambeni kwesikhathi sekungahambi ngendlela ayefisa ngayo futhi abanye abantu sebemjikele wakhetha ukushiya kwipolitiki nakulezi zinhlangano, wakhetha ukuzivulela izinkampani zakhe ezihlukene zonogada.

"Ngiphila le mpilo engiyiphilayo nje, ngisebenze kanzima ngimncane, engikukhuthazayo entsheni wukuthi mayifunde njengoba nami namanje ngisafunda e-Unisa ngenza izifundo zawo amabhizinisi," kuchaza yena.

UZondi ongathandanga ukudalula iminyaka yakhe nokuthi unezingane ezingaki ubuye waveza lokhu:

* Alikho iqembu lezepolitiki azihlanganisa nalo

* Unazo izingane kodwa ngeke asho ukuthi zingaki

* Uyathanda ukuzibukela izindaba kwithelevishini uma ethola isikhathi

* Amafilimu nawo uyathanda ukuwabuka uma izingane zakhe zimcela ukuthi ahlale nazo.