NKOSAZANA Daughter
Image: SIGCINIWE
MAWHOO
Image: FACEBOOK
ZONKE izindlela zibheke kwindumezulu yomcimbi iDrakensbergExtravaganza Music Experience eseWoodstock Dam, eBergville, ngoMgqibelo kusukela ngo-4 ntambama.
Kulo mcimbi kuzobe kushiyelana inkundla izintandokazi zabaculi okubalwa kuzo uMawhoo, Nkosazana Daughter, Mafikizolo, Dladla Mshunqisi, Nkeshemba, Professor, DJ Happy Gal, Thokozani Langa, DJ Mngadi, Fey M, Jumbo, Blaq Diamond noGoldmax.
Uhlelo luzobe luphethwe ngabasakazi boKhozi FM uThokozani "Mafresh" Mpungose noBingelela Mpanza ngokubambisana noMandla "Njinji" Magwaza, Sulkesi noSgxobo. Umgqugquzeli walo mcimbi uSipho Ndaba uthe konke sekumi ngomumo.
"Njengamanje sisendaweni yesigameko lapho siphothula zonke izinhlelo enkundleni futhi simagange ngokwamukela izethameli zawo wonke amazinga."
Eqhuba uSipho weDrakensberg Production uthe isimo sezulu sizobe sisihle kakhulu.
"Sisihlolile isimo sezulu. Ngakho siyajabula ngoba akukho zimpawu zokuthi sizoguquka sibe sibi. Lizobe lilihle kakhulu izulu ekwenzeni umcimbi ongasoze walibaleka."
Ube esenxusa abantu bakuleli ukuba batheleke ngobuningi babo bazozitika ngomculo nomdlalo webhola.
Kulo nyaka kuzoqopheka umlando njengoba kuzobe kukhonjiswa bukhoma kobhazabhaza bamathelevishini umdlalo wamanqamu iCarling Knockout Cup phakathi kwe-Orlando Pirates neMarumo Gallants.
Amathikithi asatholakala eTicketPro nasezitolo zakwaSpar ngo-R150 (R200 esangweni) nango-R600. I-cooler box izongena mahhala ngaphambi kuka-6 ntambama bese ingeniswa ngo-R50 emuva kwalokho.
BINGELELA Mpanza
Image: FACEBOOK
DJ HAPPY GAL
Image: FACEBOOK