Izindaba

USiya Mhlongo 'wayekhala ngezindleko zokusokwa kwesinqandamathe engafuni ukwaliwa'

Charles Khuzwayo|Published

UNJABULO Duma (ongakwesosokudla) ugeqe amagula ngoSiya Mhlongo kwi-Engineer Your Life with Lungelo KM (ongakwesokunxele)

Image: FACEBOOK

USIYA Mhlongo

Image: SIGCINIWE

OBEYISOKA likaSiyabonga "Siya" Mhlongo, uNjabulo Duma, ugeqe amagula ngempilo yale nsizwa ebisakaza kuKhozi neMetro FM. USiya (40) usanda kulahlwa yiNkantolo yeMantshi yaseThekwini ngecala lokushaya ngenhloso yokulimaza uNjabulo. NgoDisemba 15 kulindeleke ukuba agwetshwe.

Ekhuluma kwi-Engineer Your Life with Lungelo KM, uNjabulo uthe uSiya wayengaqali ukuboshelwa icala lokushaya ngoba ngo-2018 wake washaya isoka lakhe kwaze kwaphoqeleka ukuba ahlawulelwe wunina ngemali yempesheni.

Uthe nabanye abathandana nabanobulili obufana nobakhe babuye bamtshela ukuthi uSiya waziwa ngokuba nodlame kwathandana nabo. 

UNjabulo waseMlaza uthe ubudlelwano bakhe noSiya baqala esenza unyaka wokuqala ezifundweni  zeBachelor of Arts in Philosophy, Politics, and Professional Law e-University of KwaZulu-Natal eMgungundlovu, ngo-2020.

Uthe ngaleso sikhathi yena wayeneminyaka engu-25 ekubeni uSiya ayeneminyaka engu-36. Eqhuba uNjabulo uthe bahlangana komunye umcimbi lapho uSiya acela kuye izinombolo ne-handle ye-Instagram.

Uthe emuva kokushelana inyanga nesigamu, bagcina sebesothandweni oluvutha amalangabi futhi ubudlelwano babo busaqala kwakumnandi kangangoba wayengazitsheli ukuthi bayoke bahlukane. Uthe babamnandi kakhulu ngesikhathi somvalelandlini weCovid-19.

"Ngachitha amasonto amabili noma amathathu naye endlini."

Uthe emuva kwalokho babexhumana ngokufonelana futhi babuye bachithe izinsuku ezintathu noma ezine ndawonye ngenxa yobumnandi bothando ababekubo. Uthe isimo saqala ukuba muncu emuva kwezinyanga eziyisithupha ngenxa yokuthi uSiya wayehlale emcefezela ngowesilisa ayethandana naye phambilini, esho konke okubi ayekwenze kuye.

"Kwagcina sekungime emphinjeni ukulokhu sixoxa ngobeyisoka lakhe."

UNjabulo uthe uSiya wagcina esecikwa nayizinto ezincane futhi esenolaka, edinwa nawukuthi uNjabulo akaluphendulanga ucingo ngokushesha futhi esehlale efuna ukwazi ukuthi ukuphi, wenzani futhi nobani. Uthe uSiya wayesemlawula ngenxa yokuthi wayenemali ekubeni yena wayesafunda. Igoda phakathi kwabo lagqabuka ngoFebhuwari 2021.

Uthe yilapho uSiya avuka khona indlobane, wagaklaza izicabha, wambiza ngawowonke amagama, ekhala nangemali ayimoshe emondla.

Uthe wakhala ubusuku bonke, wavuka ekuseni egcwele izinyembezi, wamthatha wamyisa erenki yamatekisi. Uthe bake bazama ukubuyisana kodwa babuye balwa kangangoba uSiya wabuye wabalisa ngokuthi wakhokhela izindleko zokusokwa kukaNjabulo.

UNjabulo ubuye waveza ukuthi uSiya wake wamsola ngokuthi wake wazibandakanya nocansi loquqaba (orgy). Nakuba kunjalo uNjabulo uthe uSiya ubelokhu emnxenxa ukuba babuyelane. Uthe uyazisola ngokuya emcimbini kaSiya njengoba ayengamenyiwe eMhlanga. Uthe uyena owazicelela ukumenywa. UNjabulo uthe basuka eMhlanga badlulela kuFlorida Road eThekwini lapho bafike bahlala etafuleni, kwaba mnandi kwanjeya.

Uthe indaba yonakala sebehamba ngoba kunowesilisa ongumngani kaSiya owathi mncwa mncwa kuye. Uthe endleleni uSiya wabhoka ngolaka, wamphihliza ngebhodlela leSavanna, wamsakaza ngempama futhi wamklinya. UNjabulo uthe emuva kwesigameko wathola inqwaba yezingcingo zimncenga ukuba angalivuli icala kodwa waqhubeka walivula.