Senzo Mchunu
Image: Oupa Mokoena/Independent Newspapers
UBAMBELELE ngezidindi uNgqongqoshe wamaPhoyisa omisiwe, uMnuz Senzo Mchunu, ngesikhathi ebuzwa ukuthi kungani engazange abonisane noKhomishana wamaPhoyisa, uLieutenant General Fannie Masemola, ngaphambi kokuthi akhiphe umyalelo wokuba kuhlakazwe ithimba lamaphoyisa eliphenya amacala okubulawa kosopolitiki KwaZulu-Natal.
UMchunu uvumile ukuthi umuntu owayengamnika izeluleko ezinhle ngokuhlakazwa kwethimba nguMasemola, kodwa wavele wangena ezintangeni esebuzwa ukuthi kungani engazange amthinte uMasemola.
UMchunu ubevele phambi kwekhomishini ephenya izinsolo ezenziwa wuKhomishana wamaPhoyisa KwaZulu-Natal, uLieutenant General Nhlanhla Mkhwanazi.
Usihlalo wekhomishini, iJaji Mbuyiseli Madlanga, uvalele uMchunu ekhoneni waze wavuma ukuthi kwakufanele engabe wabonisana noMasemola ngaphambi kokuthi akhiphe umyalelo othi akuhlazwe ithimba.
UMchunu uvele wacasha ngesithupha esebuzwa ukuthi kungani-ke engamthintanga uMasemola. Uthe wayenethemba lokuthi kusazoxoxwa ngomyalelo wakhe wokuhlakaza ithimba.
"Njengoba ngangishilo ngesikhathi ngikhipha umyalelo, ngacela ukuba uMasemola anginikeze umyalelo wesikhashana futhi kwakusazoba nezingxoxo. Nganginethemba lokuthi izikhulu zamaphoyisa zizobeka imibono yazo uma sesibonisana."
UMadlanga uthe imibono yezikhulu zamaphoyisa yayingeke isasiza ngoba uMchunu wayesenqumile ukuthi alihlakazwe ithimba.
UMchunu uqhubekile nokuvikela isinqumo sakhe. Uthe sasingasekho isidingo sokuba ithimba liqhubeke nokusebenza ngoba zase zehlile izigameko zokubulawa kosopolitiki KwaZulu-Natal.
UMchunu uthe ithimba lalisebenzisa imali eningi kakhulu ekubeni laliphenya amacala nje athinta ukubulawa kosopolitiki esifundazweni esisodwa.
"Akufanele kube sengathi sibeka phambili amacala okubulawa kosopolitiki kuphela. Baningi abantu ababulawayo."
UMchunu ukhale nangokushaya ngolonwabu kwamacala abantu ababoshwa yithimba.
Uthe akekho umuntu osagwetshiwe ecaleni elenza ukuthi kusungulwe ithimba.
Lelo yicala lokubulawa kwelungu le-ANC eMgungundlovu, uMnuz Musawenkosi "Qashana" Mchunu, elabulawa ngo-2018.
UMengameli, uCyril Ramaphosa, wamemezela ukusungulwa kwethimba emva kokuyohlanganisa amehlo nomndeni kaQashana.
"Kusekude phambili kuleli cala. Icala lenzeka eminyakeni eyisishiyagalombili eyedlule kodwa akekho osegwetshiwe. Ngiyakhuluma nomndeni kaQashana. Bahlanu abantu ababoshiwe. Abane babhekene necala lokwakha itulo lokubulala, munye obhekene necala lokubulala. Leli cala lenzeka ngo-2018."
UMchunu uzoqhubeka nokwethula ubufakazi namhlanje.
Ngaphambi kokuthi kuvele uMchunu izolo, kuqale isikhulu samaphoyisa kuMasipala waseKurhuleni esimisiwe, uBrigadier Julius Mkhwanazi.
UJulius usolwa ngokuthi wafaka izimoto zikasomabhizinisi obhekene noxhaxha lwamacala, uMnuz Vusimuzi "Cat" Matlala, amalambu aluhlaza waphinde wazibhalisa ngaphansi kwezimoto zomkhandlu.
UJulius uvume ukuthi kukhona imali ake ayithola kuMatlala. Uthe imali wayemnikeza yona ngesikhathi emisiwe emsebenzini.
UJulius uthe uMatlala wayemthengela ukudla futhi wafaka isandla ngesikhathi eshonelwe.
UJulius uthe imali enkulu ayikhumbulayo u-R20 000, wathi lena enye kwakuba yimali encane.
UJulius uzobuya ngonyaka ozayo ezoqedela ukwethula ubufakazi. Kusuke igidigidi ngaye eqala ukwethula ubufakazi ngoLwesithathu ebukeka enovalo, wahlekwa nangokuphuza inqwaba yamanzi futhi emfoma wumjuluko.
Siviwe Gwarube
Image: GCIS
Related Topics: