Izindaba

Ubuyela kwekaMadlanga uSenzo Mchunu olaxaze abameli 'abamfaka' ogibeni

Sabelo Nsele|Published

Ubuyela esigqikini sikaMadlanga ungqongqoshe wamaPhoyisa osamisiwe uSenzo Mchunu

Image: Oupa Mokoena/Independent Newspapers

UNGQONGQOSHE wezamaPhoyisa omisiwe, uMnuz Senzo Mchunu, ulaxazwe ithimba labameli ayegadla ngalo ngesikhathi enethwa yimvula phambi kwekomiti lasePhalamende eliphenya izinsolo ezenziwa uKhomishana wamaPhoyisa KwaZulu-Natal, uLieutenant General Nhlanhla Mkhwanazi.

UMchunu ufike nethimba labameli abasha ngesikhathi evele phambi kweKhomishini kaMadlanga ephenya izinsolo ezifanayo, izolo.

Ithimba likaMchunu elisha liholwa ummeli odumile, u-Advocate Tembeka Ngcukaitobi.

UMchunu wathwala kanzima ngesikhathi evele phambi kwekomiti lasePhalamende.

Kwaba khona izikhawu lapho khona amalungu ePhalamende asola abameli bakaMchunu ngokumhlinzela ezibini.

Kwagcina kugxekwa abameli bakaMchunu emva kokuba elethe umbiko ongamampunge owawuthi kwadutshulwa kwabulawa owayengusomlomo kuMasipala wase-OR Tambo, uMnuz Xolile Nkompela. UNkompela usahla anhlamvana.

UMchunu uqale ukwethula ubufakazi emini, uthathe isikhathi esicishe sibe ngamahora amabili.

Uqhubekile nokuvikela isinqumo sakhe sokukhipha umyalelo wokuba kuhlakazwe ithimba lamaphoyisa eliphenya ukubulawa kosopolitiki KwaZulu-Natal.

UMchunu uthe ithimba elasungulwa ngo-2018 emva kokunyuka kwezigameko zokubulawa kosopolitiki KwaZulu-Natal lalingadalelwe ukuba lisebenze ungunaphakade.

UMchunu utshele ikhomishini eholwa iJaji Mbuyiseli Madlanga ukuthi kufanele engabe ithimba lagcina ukusebenza ngo-2022.

"Kwakungashiwongo ukuthi ithimba selizokuba uhlaka lwamaphoyisa olungungunaphakade. Ithimba kwakufanele lisebenze unyaka owodwa kodwa lalilokhu lilulelwa isikhathi sokusebenza ngonyaka. Ngo-2022 akuzange kube khona isicelo sokuba kululwe isikhathi sokusebenza kwethimba. Ithimba laqhubeka lasebenza iminyaka emibili yonke ekubeni yayingekho into eyayiligunyaza ukuthi liqhubeke nokusebenza."

UMchunu uthe ukuqhubeka kwethimba labelwe imali emva kuka-2022 kuphambene nemigomo ebekelwe ukusebenza kwemali njengoba lalingagunyaziwe ukuthi liqhubeke nokusebenza.

Uthe isinqumo sokuhlakaza ithimba kwakufanele sithathwe nguyena ngoba isinqumo sokuthi lisungulwe sasithathwe abaholi bezepolitiki.

"Ithimba lasungulwa emva kwesinqumo esathathwa abaholi bezepolitiki, kwakungesona isinqumo sezikhulu zamaphoyisa. Ukhomishana wamaphoyisa unawo amandla okusungula ithimba kodwa leli lalingasungulwanga wuyena."

UMchunu uthe sasingekho isidingo sokuthi ithimba liqhubeke nokusebenza ngoba kwakunezinhlelo zokuthi kusungulwe izinhlaka zamaphoyisa ezikhethekile ezazizophenya amacala ahlukene.

"Sasingekho isidingo sokuthi ithimba liqhubeke nokusebenza ngoba lenza umsebenzi ofanayo nolunye lwalezinhlaka ezazizosungulwa."

UMchunu uthe wayengajabule ngendlela ithimba elalisebenzisa ngayo izigidi zamaRandi elalizabelwa.

UMchunu uthe yayingekho indlela yokulandelela ukuthi ithimba liyisebenzisa kanjani imali elaliyabelwa.

UMchunu uthe kwakungamphethe kahle ukuthi umholi wethimba, uLieutenant General Dumisani Khumalo, wayephethe izikhundla ezimbili.

UKhumalo uphinde abe yisikhulu sezinhloli.

"Ngayikhuluma lena. Ngibona sengathi kwaba yiphutha ukuthi anikezwe izikhundla ezimbili."