UMENGAMELI Cyril Ramaphosa
Image: African Union/ X
UMENGAMELI Cyril Ramaphosa uthi ushaye phansi kwashunqa uthuli uMengameli waseMelika, uDonald Trump, osanda kumemezela ukuthi iNingizimu Afrika ayamukelekile emhlanganweni wamazwe angaphansi kweG20 ozobanjelwa eMelika ngonyaka ozayo.
URamaphosa uthe akukho okuzovimba iNingizimu Afrika ukuthi ibe yingxenye yeG20 elandelayo.
Ukusho lokhu enkulumeni abeyibhekise esizweni izolo ebusuku.
UTrump usanda kumemezela ukuthi iNingizimu Afrika ngeke imenywe emhlanganweni weG20 ekhala ngokuthi leli zwe liphuca amabhunu umhlaba.
IMelika yawuduba umhlangano weG20 obuseNingizimu Afrika, nakhona yakhala ngokunyathelwa kwamalungelo amabhunu.
URamaphosa uthe kungamampunge ukuthi kubulawa noma kuphucwa amabhunu umhlaba wawo.
URamaphosa uthe iNingizimu Afrika izoba yingxenye yeG20 elandelayo.
"Kufanele bazi ukuthi iNingizimu Afrika isemazweni asungula iG20. Njengamanje siyilungu leG20. Sizoqhubeka nokuba yingxenye yeG20, akukho okuzovimba ukuthi sibe yayo. Nakuba sinezinkinga noTrump kodwa lokho akukushintshi ukuthi sinobuhlobo neMelika. Sisuka kude neMelika futhi sizoqhubeka sisebenzisane nayo."
URamaphosa uthe umhlangano weG20 obukuleli ngeledlule ube yimpumelelo.
"Abantu abawuvali umlomo. Izincomo eziqhamuka kubaholi basemazweni ahlukene zilokhu zingene njalo ezinkundleni zokuxhumana. Abantu abebehambele iG20 bancoma abantu bakuleli ngokukhombisa ubuntu. Ngiyanibonga bantu baseNingizimu Afrika ngokuphatha kahle izivakashi zethu."
URamaphosa uthe ukubanjelwa kweG20 kuleli kuzothuthukisa abantu .
"Sithathe izinqumo ezizothuthukisa impilo yabantu. Sithathe izinqumo zokubhekana nezinto ezivimba ukukhula kwamazwe kwezomnotho. Enye inkinga enkulu evimba ukudlondlobala kwamazwe wudaba lwezikweletu. Amazwe amaningi acwile ezikweletwini, kuthatha isikhathi eside ukuthi akwazi ukukhokhela izikweletu ngenxa yenzalo enkulu."
Related Topics: