UMkhonto weSizwe Party (MKP)
Image: Jacques Naude / Independent Newspapers
ACISHE abambana ngezandla amalungu eMK nawe-IFP esiShayamthetho saKwaZulu-Natal kubangwa isiphakamiso sokungabethembi ubuholi bukaNdunankulu, uMnuz Thami Ntuli.
Amaphoyisa athwale kanzima ezama ukuhlukanisa amalungu eMK nawe-IFP abefuna ukufikisana emandleni ngesikhathi eqhudelana ngemibhikisho abeyibambe ngaphandle kwesiShayamthetho, eMgungundlovu, izolo.
Amalungu eMK nawe-IFP abebhikisha emgwaqweni ophambi kwesiShayamthetho, ehlukaniswe amaphoyisa.
Ngesikhathi bebhikisha bekunomhlangano ngaphakathi esiShayamthetho.
I-MK ifuna kukhishwe uNtuli kanti i-IFP ayifuni nokuyizwa eyokukhishwa kwakhe.
Isiphakamiso sokungabethembi ubuholi bukaNtuli esifakwe yiMK sizolalelwa esiShayamthetho ngoDisemba 15.
Kuke kwaba nemibiko yokuthi isiphakamiso sokungabethembi ubuholi bukaNtuli sizolalelwa izolo kepha uSomlomo, uNksz Nontembeko Boyce, wabuye wacacisa ukuthi isiphakamiso sizolalelwa ngenyanga ezayo.
UNksz Boyce unikeze le ncazelo emva kombuzo kaSotswebhu weMK esiShayamthetho, uMnuz Bonginkosi Mngadi, ofune ukwazi ukuthi sizolalelwa nini isiphakamiso sabo.
IMK yasifaka ngenyanga edlule okokuqala isiphakamiso sokungabethembi ubuholi bukaNtuli.
UNksz Boyce wasichitha isiphakamiso sayo, wakhala ngokuthi asihambisani nemigomo yesiShayamthetho.
UMngadi uphinde wasifaka kabusha isiphakamiso sokungabethembi ubuholi bukaNtuli ngesikhathi kunomhlangano wesiShayamthetho, ngoLwesibili.
Izolo uMngadi ufune ukwazi ukuthi kuqhubekani ngesiphakamiso abasifakile njengoba besingekho ohlwini lwezindaba ebezizodingidwa.
UNksz Boyce utshele uMngadi ukuthi usuku olubekelwe ukulalelwa kwesiphakamiso nguDisemba 15.
IMK isola uNtuli ngokudukisa isiShayamthetho ngesikhathi ebuzwa ngezindleko zohambo lwakhe lwaseNew York lapho ayehambele khona ingqungquthela okwakuxoxwa kuyona ngokuguquguquka kwesimo sezulu.
UNtuli wathi wasebenzisa u-R750 000 kulolo hambo, iMK yona ithi wasebenzisa u-R950 000.
IMK inezihlalo ezingu-37 kwezingu-80 esiShayamthetho, amaqembu abusa ngokubambisana, i-IFP, ANC, DA neNFP anezihlalo ezingu-41.
I-EFF inezihlalo ezimbili, ithe ngeke iseseke isiphakamiso seMK. Nakuba kubukeka izibalo zingayivumi iMK, hodwa uMnuz Bonginkosi Khanyile, onesikhundla eqenjini, uthe uNtuli uzophuma esikhundleni.
Ekhuluma namalungu eMK ngaphandle kwesiShayamthetho, uKhanyile uthe bamfuna ephumile esikhundleni uNtuli.
Related Topics: