Izindaba

Unomlando wokuba nguphunyuka bemphethe uMatlala

Sabelo Nsele|Published

UVusimuzi Cat Matlala

Image: Oupa Mokoena

KUBUKEKA sengathi unguphunyuka bemphethe usomabhizinisi obhekene noxhaxha lwamacala, uMnuz Vusumuzi "Cat" Matlala, njengoba esagwetshwe ngecala elilodwa kwangaphezu kweshumi aseke wawaboshelwa.

Uxhaxha lwamacala aseke abhekana noMatlala lufundwe ngesikhathi evele phambi kwekomiti lasePhalamende eliphenya izinsolo ezenziwa wuKhomishana wamaPhoyisa KwaZulu-Natal, uLieutenant General Nhlanhla Mkhwanazi.

Uhlu lwamacala olufundwe yilungu leDA, u-Advocate Glynnis Breytenbach, luveze ukuthi phakathi kuka-2000 no-2018 uMatlala waboshwa kwaze kwaba yizikhawu ezingu-13.

Oxhaxheni lwamacala aboshelwa wona kukhona awokubamba inkunzi kuhleliwe, owokuntshontsha izimoto, awokugqekeza, elokushaya, nelokutholakala nempahla entshontshiwe.

Linye icala elamgweba uMatlala, okungelokutholakala nempahla entshontshiwe.

Kukhona futhi lapho uMatlala akhishwa phambili kuhoxiswa wonke amacala.

U-Advocate Breytenbach, ufune ukwazi ukuthi kungani lilinye kuphela icala agwetshwa ngalo uMatlala.

"Kuyamangaza ukuthi kule nqwaba yamacala osuke wabhekana nawo linye kuphela elakulahla."

UMatlala uthe akayiboni into esolisayo ngokuhoxiswa kwamanye amacala.

"Ngabe kwakufanele ngigwetshwe kulawa amanye amacala? Ukuhoxiswa kwamacala kusho ukuthi ngimsulwa."

U-Advocate Breytenbach utshele uMatlala emehlweni ukuthi uyisigebengu.

"Awuyena usomabhizinisi kodwa uyisigebengu esintshontsha imali okufanele engabe isiza abantu abahlwempu. Kufanele uzenyeze ngale nto oyenzayo."

UMatlala akafunanga ukuphawula kulokho.

"Ngeke ngisho lutho ngalokhu okushoyo."

UMatlala uphike ezinye zezingxoxo zikaWhatsApp okuthiwa zatholakala kwiselula yakhe.

UMatlala uthe okunye okukulezo zingxoxo uyakwazi kodwa wathi okunye kunongiwe.

Lezi zingxoxo ziphakathi kwakhe nosomabhizinisi, uMnuz Brown Mogotsi. Kubuye kungene negama likaNgqongqoshe wamaPhoyisa omisiwe, uMnuz Senzo Mchunu.

Kukhona ingxenye lapho bekhuluma ngokuxhasa ngemali umkhankaso kaMchunu wokuhola i-ANC.

UMatlala ukuphikile ukuthi unomazisi waseSwatini lapho ezibiza khona ngoDlamini.

"Anginawo umazisi waseSwatini. Anginawo umndeni eSwatini. Le nto yakhandwa nje abantu abathile ababefuna ukuthi nginganikwa ibheyili. ESwatini ngaya nje ngesikhathi kunomcimbi wokugubha usuku lokuzalwa kweNgonyama, ngazana neNdlovukazi."

UMatlala uvumile ukuthi ubuye azibize ngoDlamini nathe yisibongo sikagogo wakhe ongowokuzalwa KwaZulu-Natal.

Kube muncu ngesikhathi uMatlala eveza ukuthi wakhulela emgwaqweni emva kokuduka kukanina owayenebala elimhlophe.

UMatlala uthe unina waduka emva kokudlwengulwa wumuntu owayenenkolelo yokuthi ukulala nomuntu onebala elimhlophe kwelapha yonke inhlobo yesifo.