Izindaba

UMatlala uninde uCele noMkhwanazi

Sabelo Nsele|Published

UMNUZ Vusimuzi "Cat" Matlala efakaza phambi kwekomiti lasePhalamende ebelimvakashele ejele Isithombe: Oupa Mokoena / Independent Newspapers

Image: Oupa Mokoena / Independent Newspapers

USOMABHIZINISI obhekene noxhaxha lwamacala, uMnuz Vusumuzi "Cat" Matlala, uninde owayenguNgqongqoshe wamaPhoyisa, uMnuz Bheki Cele, noKhomishana wamaPhoyisa KwaZulu-Natal, uLieutenant General Nhlanhla Mkhwanazi, ngesikhathi evele phambi kwekomiti lasePhalamende eliphenya izinsolo ezenziwa wuMkhwanazi.

UMatlala uveze ukuthi uCele wayemfuna imali kangangokuba wagcina engasazibambi izingcingo zakhe, waveza nokuthi uCele waqamba amanga ngesikhathi evele phambi kwekomiti.

UMatlala uthe uMkhwanazi yena wayefuna ukuba amsize amkhulumele nomuntu owayemvulele icala lokushaya elaliphenywa wuphiko oluqapha ukusebenza kwamaphoyisa, i-Ipid.

UMatlala uthe waboshwa emva kokuba eyekile ukunika uCele imali waphinde futhi wahluleka wukusiza uMkhwanazi ukuba kusulwe icala ayebhekene nalo.

Lokhu ukusho ngesikhathi evele phambi kwekomiti, izolo.

UMatlala uthe wanikeza uCele imali engu-R500 000 kanye nezinye izipho.

"Okokuqala ngamnikeza u-R300 000, okwesibili ngamnikeza u-R200 000. Yonke le mali ngamnikeza esandleni ingukheshi."

UMatlala uthe wanikeza uCele le mali emva kokuba emsizile ukuphebeza ithimba lamaphoyisa eliphenya ukubulawa kosopolitiki KwaZulu-Natal.

UMatlala uthe umuntu owamxhumanisa noCele  nguMnuz Bongani Mpungose oyindodana kasomatekisi ongasekho, uMnuz Sputla Mpungose.

UMatlala uthe emva komhlangano wakhe noCele kwabonakala sengathi ziyashabalala izinkinga zakhe namaphoyisa njengoba abuyiselwa nezibhamu zakhe ezazishaqiwe.

UMNUZ Vusumuzi "Cat" Matlala ethola ubufakazi phambi kwekomiti lasePhalamende ebelimvakashele ejele izolo

Image: Oupa Mokoena / Independent Newspapers

UMatlala uthe uCele waze wamhlelela umhlangano noMkhwanazi, nathe kulapho-ke uMkhwanazi amcela ukuthi amsize amkhulumele nomuntu omvulele icala.

UMatlala uthe umuntu owayevulele uMkhwanazi icala wanqaba ukulisula.

Uthe wagcina engasazibambi izingcingo zikaCele ngenxa yokuthi wayemfuna imali.

"Wayelokhu eqhubeka engifonela. Uma uzobheka ngosuku engaboshwa ngalo mhlawumbe wazama ukungifonela kawu-20."

UMatlala uthe uCele wamtshela ukuthi kwakunetulo lokubopha uNgqongqoshe wamaPhoyisa omisiwe, uMnuz Senzo Mchunu.

UMatlala uthe leli tulo laliphekwa yithimba eliphenya ukubulawa kwamaphoyisa KwaZulu-Natal.

UMatlala uthe uCele wamgqugquzela ukuba aqhubeke nokuxoxa nokuthiwa usondelene noMchunu, uMnuz Brown Mogotsi, ngethemba lokuthi kungenzeka aphahluke ngento eyayingabophisa uMchunu.

UMatlala uveze ukuthi akamazi uMchunu kodwa wathi uMogotsi wasebenzisa igama likaMchunu ngesikhathi emcela imali.

"Ngokubona kwami uMogotsi wayecelwe wuMchunu ukuba amfunele uxhaso. Nami ngingomunye wabantu amcela uxhaso."

UMatlala uveze ukuthi wanika uMogotsi imali engu-R150 000 ngesikhathi kunomgubho we-ANC iJanuwari 8.

UMatlala uchaze uMogotsi njengomuntu oyiqola.

Uthe ngesikhathi eqala ukumfonela wathi usebenza ehhovisi likaMchunu, wathembisa ukumlekelela ekuphenyeni isigameko sokuhlukunyezwa kwakhe amaphoyisa aphenya ukubulawa kosopolitiki KwaZulu-Natal.

"Emva kwalokho wabe eseqala engicela imali. Ngabuza ukuthi kungani kufanele ngikhokhe ngoba phela yena usebenza ehhovisi likangqongqoshe? Ngabuza ukuthi kungani kufanele ngikhokhele amaphoyisa ukuba enze umsebenzi wawo."

UMatlala obefakaza esejele iKgosi Mampuru, ubeswenke econsa futhi egaxwe ozankosi.

Uzoqhubeka nokwethula ubufakazi namhlanje.