Inhloko yoKlebe KwaZulu-Natal, uMajor General Lesetja Senona, ivele kafushane phambi kweKhomishini kaMadlanga
Image: Kamogelo Moichela/IOL News
KUNYOMFEKE izinhlelo zekhomishini ephenya izinsolo ezenziwa wuKhomishana wamaPhoyisa KwaZulu-Natal, uLieutenant General Nhlanhla Mkhwanazi ngesikhathi izikhulu ezisezinhlakeni zokuphepha ezisolwa ngokusondelana nosomabhizinisi obhekene noxhaxha lwamacala, uMnuz Vusumuzi 'Cat' Matlala, zicela ukululelwa isikhathi.
Ikhomishini eholwa yiJaji Mbuyiseli Madlanga isheshe yaguqa izolo, futhi ngeke ihlale namhlanje ngenxa yokuthi ufakazi wayizolo kanye nobezovela namhlanje bacele ukululelwa isikhathi.
Bobabili ofakazi basolwa ngokusondelana noMatlala. Izolo ikhomishini bekufanele ipheke ngemibuzo inhloko yoKlebe KwaZulu-Natal, uMajor General Lesetja Senona, kodwa lokho kwahlehliselwa unyaka ozayo.
Ufakazi waphamblini wasola uSenona ngokuputshuzela uMatlala izimfihlo zombutho wamaphoyisa.
Kwavela nokuthi indodana kaSenona, uMnuz Thato Senona, isebenzisana noMatlala kwezamabhizinisi.
Izolo abameli bakaSenona bavalelane isikhathi eside nabameli bekhomishini ngaphambi kokuba bafinyelele esivumelwaneni sokuhlehlisa ukulalelwa kobufakazi.
Usihlalo wekhomishini, uMadlanga, uthe ukulalelwa kobufakazi bukaSenona kuhlehliselwa uJanuwari 27.
"USenona unikezwe yonke imininingwane ayidingayo ukuze alungiselele ukuvela kwakhe kwikhomishini. Ngikhipha umyalelo wokuba uSenona ahlinzeke ikhomishini ngesitatimende sakhe ungakadluli uJanuwari 16. Kulesi sitatimende kufanele aphendule izinsolo eziqukethwe encwadini embizela phambi kwekhomishini esamthumelela yona ngoNovemba 13."
Namhlanje bekufanele kuvele isikhulu samaphoyisa kuMasipala waseKurhuleni esimisiwe, uBrigadier Julius Mkhwanazi.
UJulius ubhekene nezinsolo eziningi okubalwa kuzo ukubhalisa izimoto zikaMatlala ngaphansi komkhandlu kanye nokuzifaka amalambu aluhlaza.
UJulius uphinde asolwe ngenkohlakalo, ukweba kanye nokufihla ubufakazi ecaleni lokubulawa komuntu.
Ohola ubufakazi, u-Advocate Matthew Chaskalson, uthe uJulius ucele ukululelwa isikhathi, wathi usezovela ngesonto elizayo.
Kusasa ikhomishini izolalela ubufakazi bephoyisa elingaphansi kophiko lwamaphoyisa kuMasipala waseKurhuleni.
Related Topics: