Izindaba

UButhelezi uvukwe wumunyu emcimbini wamahubo

Nokubongwa Phenyane and Zimbili Vilakazi|Published

OMAMA abebenandisa emcimbini wokwethulwa kwamahubo kaMntwana uMagogo

Image: SITHUNYELWE

OPHAKATHI nendawo uNdunankulu kaZulu uZuzifa Buthelezi obezimazise ukwethulwa kwamahubo kaninakhulu uMntwana uMagogo kaDinizulu

Image: SITHUNYELWE

INKOSI yesizwe saKwaButhelezi, uMntwana uZuzifa Buthelezi, ithe ivukwa wumunyu ngokuvuselelwa kwamahubo kaninakhulu, uMntwana uMagogo emcimbini ohlanganiswe wuMasipala waseNquthu eNcome Museum izolo.

 Ngalo mcimbi, obizwa ngeMntwana uMagogo Musical Amahubo Development , okuthiwe usuzokwenziwa minyaka yonke, umasipala uthe uhlose ukuvuselela amahubo ayehutshwa nguMntwana uMagogo esaphila kanjalo namanye amahubo akwaZulu.

 Kwenzeka lokhu nje ngalolu suku, kukhunjuzwe izethameli ukuthi uNovemba 21 wusuku uMntwana uMagogo akhothama ngalo ngo-1984.

UMntwana uZuzifa uthe ezintweni eziningi uninakhulu ayeyizo, umbongela ngokuthi wayengumholi. “Wayenolwazi lomlando olujulile. Ecobelela abantu ngalo, okubandakanya ngisho noMntwana ongizalayo,” kusho uMntwana uZuzifa.

 Uthe kuningi nabo abakufundile kumntwana omkhulu kanjalo nakomzalayo.

 “Ngizizwa nginomunyu namuhla. Ngiyazibuza ukuthi uMntwana waKwaPhindangene ubezothini, ukube ubesaphila, ebona kubongwa unina ngalolu hlobo,” kusho uMntwana uZuzifa. 

Ugcizelele uokuthi izinto ezifuze lezi azibe wumjovo esizweni ukuze umlando nemvelaphi kungalitshalwa. Uthe uyafisa ukuthi izinto ezinje ziqhubeke ukuze abantu babe nomoya wokuthi: “Angifuni ukufa ngingayanga eSandlwana.”

IMeya kaMasipala, uMnuz Lindokuhle Shabalala, ithe ngokuvuselelwa kwamahubo oMntwana uMagogo bahlose ukuyitshala entsheni eyokubaluleka kwawo esizweni. Uthe lokhu kuzokhathula enkulu indima ekukhumbuzeni intsha ngokubaluleka komlando wamahubo esizweni. Uthe ukwenza uhlelo lube yimpumelelo, babambisane namakhosi ayishumi akhele iNquthu. 

Uveze ukuthi lona ngumbono abaqhamuka nawo ngoJanuwari 2023, baqala bayowethula emakhosini endawo, awuthakasela. Uthe badlulela KwaPhindangene beyocela isibusiso. “Samukelwa ngezandla ezimhlophe. Sabe sesidlulela endlunkulu siyowethula. Nakhona kwaba okufanayo,” kusho uShabalala.

Uthe okwenze umcimbi wenziwa ngalolu suku wukuthi yilona okunesiqiniseko sokuthi wadlula ngalo emhlabeni, njengoba lungaziwa kahle azalwa ngalo.

“Lena yindlela yethu yokumkhumbula,” kusho uShabalala. Uthe angu-130 amabutho abawahlanganise emakhosini ayishumi akhele iNquthu. Uthe inkosi ngayinye ibiletha iqoqo labangu-13. 

Uthe bafuna ukuthi lo msebenzi ugcine usabalala iNquthu yonke ngoba indawo yabo icebe kakhulu ngomlando okungagcina kudala amathuba omsebenzi. Obehlanganisa ibutho elicija ngamahubo yiciko uMbuso Khoza othe kungaba wumqondo omuhle uma abanye omasipala benza okufanayo. 

“Kube wukuthi kuyabhekwa ukuthi amakhosi alowo masipala mangaki, kuhlaliswe phansi amabutho, aqeqeshwe njengabaculi ukuze ingenzeki le nto yokuthi abantu badle amazambane uma kunemicimbi, bangezwakali ukuthi bathini,” kusho uKhoza. 

Uqhube wathi lokhu kuzolekelela ekutheni kugwemeke ukuthi amakhorasi agcine esethatha indawo yamahubo uma kunemicimbi. Kuzolekelela ekutheni kugcinwe umlando bese kuvuselelwa amahubo egameni lomntwana.