ISO leSilo, iNkosi Malusi Zondi, liphinde lagixabezwa ngesinye isikhundla eNdlunkulu
Image: Sithunyelwe
LIPHINDE lagixabezwa ngesinye isihlalo esibalulekile eNdlunkulu, iSo leSilo uMisuzulu kaZwelithini, iNkosi Malusi Zondi yaseMzinyathi, eNanda, njengoba ngoMgqibelo, iSilo silinike isikhundla sokuhamba amazwe ahlukene egameni leNdlunkulu kaZulu.
ISilo lokhu sikumemezele emcimbinini obuseMzinto, la bekugcotshwa khona iNkosi uMbuso Ngcobo, saveza nokuthi lesi sikhala bese kunesikhathi singenamuntu.
Ekuqaleni kwalo nyaka, lesi sikhundla sanikwa usomabhizinisi uSbongiseni Mbambo odume ngelikaMageza. UMbambo obesekunesikhathi engabonakali ngisho emicimbini yaseNdlunkulu njengoba bekujwayeleke ukwenzeka, akucaci ukuthi kwenzakaleni kuye.
INdlulamithi yamakhosi ithe ibeka uZondi ukuze amakhosi axhumane naye uma kukhona akudingayo kwamanye amazwe, njengoba esezoba umlomo wawo uma ehambile.
“Ngithanda ukuthi namhlanje ngisukumise oyiSo lami iNkosi uZondi ukuthi kube nguye ozothatha izintambo ekutheni axhumanise iNdlunkulu kaZulu nezinye iziNdlunkulu emazweni ehlukene. Amakhosi uzoba umlomo wami kula mazwe azobe ewahambela uma kukhona enikufunayo kuye nimtshele uzohambe enifunela emazweni azohamba kuwo,” kusho uNdlulamithi.
Ithe manje izimisele ukuhamba iqhubeka ibeka amakhosi noma angu-10 ngonyaka ngoba lokhu kwenza isizwe sithuthuke ezintweni eziningi.
“Ngisho intuthuko iyama uma inkosi ingabekiwe ngokusemthethweni ngakho ngiyanxusa ukuthi abe maningi amakhosi abekwayo, ukuze isizwe sizothuthuka,” kubeka Isilo.
UZondi uthe uyasamukela isikhundla anikwa sona futhi uzosiphatha ngezandla zombili. UZondi uhlube udlubu ekhasini ekhuluma nobuholi bendabuko engqungqutheleni yeG20 ngempalsonto.
ISilo izolo, sidlulele eMgababa la bekunembizo khona ebihlelwe yiNkosi uPhathizwe Luthuli.
Related Topics: