AMALUNGU eZamokuhle Luncheon Club evakashele eziNdlini zoMbuso ePitoli
Image: SITHUNYELWE
AZIWUVALI umlomo izaguga zenhlangano yabantu abadala baseNkungumathe, eNkandla, iZamokuhle Luncheon Club, emuva kokuyopepenyeka eGauteng. Unobhala wale nhlangano, uMnuz Busani Mhlongo, uthe babheme bakholwa kulolu hambo ngoba bathole isikhathi sokukhohlwa kancane amahlalakhona, bashaywa wumoya.
Uthe yize le nhlangano inamalungu angu-100 kodwa kuhambe izaguga ezingu-55 ezisakwazi ukuzihambela. UMhlongo uthe bakujabulele ukuhambela lapho kuphehlwa khona ugesi ngoba bafundiswe izindlela abangonga ngazo ugesi.
"Sibuye savakashela enye ifemu kasomabhizinisi onguMnuz Hadebe. Ujabule kakhulu ukubona izaguga ezibambisene. Uze wathembisa ukusivakashela ngoDisemba ezosinikeza izipho zikaKhisimusi," kusho uMhlongo.
Usihlalo weNkungumathe NPO, uMnuz Mthokozi Mchunu, uthe bahambe nezaguga ngesonto eledlule ngenhloso yokuba ziyobona izindawo ezingamaguga nezimqoka eGauteng. Uthe zivakashele izindlu zoMbuso ePitoli, zaya emzini kaDkt Nelson Mandela nokaMbhishobhi Desmond Tutu eSoweto, zadlulela eHartis Boots seziyongcebeleka.
"Zisuke lapho zavakshela eSouth Gate Mall."
UMchunu uthe basungula le kilabhu ngenhloso yokuthi njalo ngezinsuku ezinhlanu esontweni kube nezinto ezenziwa yizaguga zakule ndawo. Uthe okunye kuba yizinto zobuciko noma kube nengxoxo eziba nayo.
"Emkhakheni wezobuciko ziluka amacansi, zenze neminye imisebenzi yezandla. Zivamise ukudingida ngezihloko ezithinta impilo yakudala, ziyiqhathanisa neyamanje," kuphetha uMchunu.
IZAGUGA zeZamokuhle Luncheon Club zivakashele kwenye yezindawo ezingamagugu eGauteng
Image: SITHUNYELWE