ISILO uMisuzulu kaZwelithini sikakwe wuSiphindile Khawula, Zikhona Nzimakwe, Siyamthanda Xulu, Sibonakaliso Ngcobo,umlingisi uMondli Nkomo nonomehlo uGladys Cebekhulu
Image: SITHUNYELWE
INHLANGANO yabantu abasha iYouth4You Foundation yethule umkhankaso wokukhuliswa ngendlela kwezingane zabafana eSilweni samabandla onke, uMisuzulu kaZwelithini esigodlweni eMashobeni, oPhongolo.
Abasunguli bale nhlangano bathe baye eSilweni ngenhloso yokuthola izibusiso kuso. Bathe okubagqugquzelile wukubona izingane zamantombazane zigqugquzelwa ngohlelo loMkhosi woMhlanga ekubeni intsha yesilisa ingenziwa lutho.
UNksz Siphindile Khawula uthe ONgangezwe Lakhe uzwakalise ukujabula okukhulu ngokubambisana ne-Youth4You Foundation ezinhlelweni ezahlukene okuhloswe ngazo ukuthuthukisa intsha.
"ISilo uMisuzulu KaZwelithini sigcizelele ukubaluleka kokusebenzisana nabaholi abasebasha saphawula ukuthi yibona abazogcina ubuholi besizwe sakithi. Lo mhlangano ubudingida ngezinhlelo zeYouth4You Foundation zokweseka ukukhuliswa kwabafana kanye nokuvuselelwa kokusokwa kwabesilisa KwaZulu."
UNksz Khawula uthe ngo-2013, iNgonyama eseyabuza, uZwelithini kaBhekuzulu, yazama ukuvuselela leli siko kodwa ayizange iphumelele ngenxa yokuntula ukwesekwa yizinhlangano.
"I-Youth4You Foundation izibophezele ngokuthi izokweseka Ingonyama ekhona njengamanje ekuvuseleleni ukusokwa kwabesilisa KwaZulu, kanti kuzokwenziwa izinhlelo ezahlukene ukufeza lo mgomo.I-Youth4You Foundation izoba nekamu ngoDisemba 15, elizofundisa abafana abancane ngokubaluleka kokusoka nangocansi."
Uthe ikamu lihlose ukulungiselela abafana ukuthi basokwe, babe nezindlela zokubhekana nokukhathazeka nokunye.
"Ikamu lizophinde libhekane nezindaba zomphakathi ezifana nokusebenzisa izidakamizwa, ubugebengu, nodlame olusekelwe ebulilini. Kuzodlalwa umculo wesintu wesiZulu. Abafana bazobamba iqhaza eMkhosini Wokweshwama ngoJanuwari nomcimbi wesintu wokubungaza 'ukukhula' kwabo."
Uthe iSilo sabona isidingo sokuvuselela uMkhosi Wokweshwama, onganakiwe uma uqhathaniswa noMkhosi woMhlanga.