Izindaba

Uvalo nenjabulo kopikwe wuKhuzani ezingomeni

Charles Khuzwayo|Published

IGCAGCELE esokeni kopikwe wuKhuzani ezingomeni, uLondeka Shangase

Image: FACEBOOK

I-ALBHAMU kaKhuzani enephimbo likaLondeka Shangase ezingomeni ezimbili

Image: FACEBOOK

INTOKAZI yasesigodini saseNonoti, KwaXimba, uLondeka "Londie" Shangase, ithole ingqayizivele yethuba lokupikwa yisihlabani somculo kamaskandi uKhuzani "Indlamlenze" Mpungose. Izwi likaLondeka lizwakala engomeni esihloko sithi Ngizokushiya Kunjalo nakwethi Gqoka Kahle kwi-albhamu entsha kaKhuzani esihloko sithi Inhlanhla Izanebhadi, ephume ngoLwesihlanu. 

ULondeka (26) uthe waqala ukuhlangana okokuqala noKhuzani ehamba ngokunye futhi wayengazi ukuthi unekhono lokucula. Uthe wayengazitsheli ukuthi ngelinye ilanga uzomcela ukuba acule ezingomeni zakhe.

"Wabuye wangifica e-Takk Studio (kwaJan), ngicula engomeni kaLuve Dubazane. Kusho ukuthi wezwa ukuthi likhona ikhono, wabe esebheka izingoma angangifaka kuzo."

ULondeka uthe lumshayile uvalo ngoba ubengazitsheli ukuthi nguye ngempela lo ozosebenza nomculi kamaskandi omkhulu nohamba phambili. 

"Ngangijabule kakhulu futhi ngethukile. Phela lezi zingoma zizolalelwa yizinkumbi zabantu kwazise uKhuba waziwa yonke indawo."

ULondeka uthe kuye igcagcele esokeni ngale ngqayizivele yethuba ngoba kukade ayekulangazelele ukupikwa umculi onegama elikhulu njengoKhuzani.

"Kube yintokozo kimi ukuthola leli thuba. Ngiyathemba abalandeli bazongamukela kahle."

ULondeka uthe ukhule ekhaya kudlalwa kakhulu umculo kamaskandi kunezinye izinhlobo zomculo. Uqale ukucula umaskandi kusukela ngo-2021, emuva kokwenza i-video eziculela nje.

"Yasabalala yaze yafika kuMzukulu owabe esengibiza ukuba ngizocula naye. Ngathi uma ngifika e-studio wathi angimphelezele ngephimbo kwi-albhamu yakhe ethi Ivila Laselawini. Ngabe sengingena kanjalo emculweni. Nabanye baqala ukuqaphela ikhono lami."

Uthe ngo-2023, wabe eseqopha ezakhe izingoma ezimbili ngokusizwa uMzukulu ngaphansi kweBaqalazile Entertainment. Kusukela lapho, akabange esabheka emuva njengoba egcine esepikwa abaculi abanjengoMafikizolo engomeni ethi Usaphilelani Umfana Ongenamali, uCevuzile kwethi Awuthembekile noLuve kwethi Isilima.

"Ngingabala kuze kushone ilanga ngoba baningi kakhulu, abanye abasazama ukwakha igama emculweni."

ULondeka uyingane yesibili kubantwana abathathu bakaGugamzimba noMaBhengu Shangase futhi ufunde eMkhathini Primary naseLuphaphe High.

KHUZANI

Image: SIGCINIWE