Izindaba

Bathembisa ukuvula amehlo abaningi kwiNtandokazi abenkampani yonogada

Nokubongwa Phenyane|Published

USAMKE Maphumulo noNcami Khomo benkampani yonogada iBhaki Security and training Centre abazoba yingxenye yomcimbi Intandokazi ezoba seMhlanga, eThekwini ngenyanga ezayo

Image: SITHUNYELWE

UTHEMBISA ukuvula amehlo abesifazane ngomkhakha wonogada uNksz Samke Maphumulo, wenkampani iBhaki Security and Training Centre. 

USamke uzobe engomunye wezikhulumi eziqavile emcimbini Intandokazi, ezoba sePremier Splendid, eMhlanga, ngoDisemba 13. 

Ekhuluma neSolezwe uSamke uthe bazokwenza abesifazane babone ukuthi lona ngumkhakha olungele noma ngubani bangesabi ukuba yingxenye yawo.

USAMKE Maphumulo noNcami Khomo benkampani yonogada iBhaki Security and training Centre abazoba yingxenye yomcimbi Intandokazi ezoba seMhlanga, eThekwini ngenyanga ezayo

Image: SITHUNYELWE

"Mina umsebenzi wami kule nkampani wukuqinisekisa ukuthi umsebenzi esiwenzayo usezingeni eliphezulu. Ngiqale ukuba yingxenye yayo ngo-2018 kodwa ngaphinde ngayeka ngoba bengisafuna ukuyoqedela izifundo zami e-UKZN. Ngithe uma ngiqeda ngabuya ngokuphelele ngo-2022 kuze kube yimanje. Siyabonga kwiSolezwe ngokusimema ekutheni sizohlanganyela nabanye besifazane emcimbini walolu hlobo. Siyathemba ukuthi sonke sizophuma embuthanweni sifundile sicoshe okuthile emgodleni ngamunye wezikhulumi ezizobe zikhona. " kusho uSamke. 

Uthe uzofundisa abesifazane ukuthi bangazivikela kanjani, uzobatshela ngemisebenzi abayenzayo njengenkampani yonogada nokunye. 

Uthe okwamanje banamagatsha angu-11 afundisa onogada KwaZulu-Natal, nokuzothi uma kuqala unyaka bathule amabili amasha azoba seShowe naseMsinga. 

UPhumi Mkhize obhekele ezokukhangisa kwiSolezwe uveze ukuthi amathikithi asatholakala ku-www.quicket.co.za ngo-R595. 

Uthe uhlelo lomcimbi luzobe luphethwe wumsakazi weGagasi FM, uSelby Mkhize kanti kunandisa umculi ocula owokholo ophinde abe wumsakazi woKhozi FM uPhindi P.

 Uveze ukuthi izikhulumi ezizobe zishiyelana inkundla zizobe ziqhamuka emikhakheni ehlukene ethinta ngqo abesifazane.