Izindaba

Umlando izinhlelo zowoKhozi FM ziqokwa emnxeni owodwa

Charles Khuzwayo|Published

UNONHLANHLA 'Mdonso' Ngcobo ophrojusa uSigiya Ngengoma neTop 20 kuKhozi FM

Image: FACEBOOK

OMUNYE wophrojusa bezinhlelo kuKhozi FM, uNonhlanhla "Mdonso" Ngcobo, uqophe umlando ngokuthi izinhlelo azididiyela kulo msakazo ziqhathwe emnxeni owodwa kumaTelkom Radio Awards.

UMdonso udidiyela uhlelo lomculo kamaskandi olusakazwa nguBingelela Mpanza noVusizwe Langa, uSigiya Ngengoma ngoMgqibelo ngo-9 ekuseni. Uphinde abe yingxenye yolwezingoma ezivelele futhi olusakazwa nguThokozani "Mafresh" Mpungose, iTop 20, ngoMgqibelo ngo-12 emini. UKhozi FM Top 20 noSigiya Ngengoma kuqhathwe emunxeni wohlelo lomculo oluvelele  nolweRadio 2000 iThe Vintage House, eloMhlobo Wenene FM Amanqwanqwa Abhanyabhanya nolukaDJ Cleo kwiRadio 2000 iThe Eskhaleni Party.

USigiya Ngengoma ungene nasemkhakheni weWeekend Radio Show lapho uphinde wabhekana  neThe Esikhaleni Party, The Vintage House, Amanqwanqwa Abhanyabhanya neThoriso yeLesedi FM. UMdonso ubonge kakhulu iziphathimandla zoKhozi FM ngokumethemba ngalezi zinhlelo ezinkulukazi kulo msakazo.

"Le mpumelelo iwumphumela wokusebenza ngokuzikhandla, ukusebenzisana nozakwethu nocwaningo olunzulu esilwenza njengethimba. Ukufinyelela kuleli zinga kukhombisa ukukhula emsebenzini wami."

UMdonso ubuye wabalula ukusebenza ngokuzinikela namava njengembangela yale mpumelelo. "Ngibuye ngikhuthazwe ukuhlale ngenza kangcono ngaso sonke isikhathi."

Abahlabanile bazomenyezelwa eSandton Convention Centre, eGauteng, ngoDisemba 6.

UMdonso, odabuka esigodini saKwaNxamalala, eNkandla, uqale engumculi kamaskandi eqenjini likamufi uMrashiya noBuhle Beshowe eseyiqhumamponjwana. Ufike emkhakheni wokusakaza waba umthente ohlaba usamila ngo-2009, enza uhlelo lomculo kamaskandi olwaluthi Ivume Wethu kwiZululand 97.0 FM.

Ukuvelela kwakhe kwamakhela ugazi nasebantwini baphesheya kwezilwandle njengoba agcina esemenywa emcimbini owawusePortugal, ngo-2014. Ngonyaka olandelayo, waqwaqwada emakhanda abasakazi beziteshi zomphakathi kumaSouth African Traditional Music Achievement Awards.

Ikhono likaMdonso lagcina lihehe abaphathi boKhozi FM. Ngo-2018, waqala ukusakaza kuSigiya Ngengoma noZimiphi "Zimdollar" Biyela. Akagcinanga lapho kodwa wabuye wasakaza yedwa  uhlelo lwangezintathakusa ngoMsombuluko futhi eziphrojusela.

Yilapho amagalelo kaMdonso emkhakheni wokudidiyela abonakala khona. Kwathi ngo-2020, wanikezwa umsebenzi wokudidiyela uSigiya Ngengoma ngaphambi kokudluliselwa nakwiTop 20 kulo nyaka. Ulwazi lokusakaza nokudidiyela waluthekela eNemisa naseSentech.

UNONHLANHLA 'Mdonso' Ngcobo ophrojusa uSigiya Ngengoma neTop 20 kuKhozi FM

Image: FACEBOOK

UNONHLANHLA 'Mdonso' Ngcobo noBingelela Mpanza beSigiya Ngengoma

Image: FACEBOOK

UNONHLANHLA ‘Mdonso’ Ngcobo

Image: SIGCINIWE