ISOWETO Central Chorus neLadysmith Black Mambazo abashisa izikhotha ngenoni elithi Usuku Oluzayo
Image: SIGCINIWE
IQEMBU lomculo wokholo, iSoweto Central Chorus, libonga liyanconcoza kompetha bamaGrammy Awards ngempumelelo yomucu walo.
ISoweto Central Chorus ishisa izikhotha kulezi zinsuku ngenoni elisihloko sithi Usuku Oluzayo, okuyingoma eliyiqophe ngokuhlanganyela neqembu lesicathamiya, iLadysmith Black Mambazo.
Ngale ngoma, iSoweto Central Chorus ize yaqokwa kumaCrown Gospel Awards ase-ICC Arena eThekwini, ngeSonto.
Ephawula ngolomqhudelwano wezindondo, uFaith Zalekile, uthe ukuqokwa kwabo kulo mcimbi kuwubufakazi bokuthi ukusebenza kanzima nokuzala impumelelo.
"Kungumusa kaJehova ukuthi sithole ithuba lokuthi sihlanganyele neqembu elikhulu njengeMambazo sikhiphe leli noni eselithole nokuqokwa emcimbini emkhulu njengoweCrown Gospel Awards." Uthe bakujabulela kakhulu ukusebenzisana naMambazo.
"Kwabasemqoka ukusamukela kwabo ngesikhathi sibacela futhi abasibukelanga phansi. Basilalela futhi bakuthanda esikwenzayo. Njengoba iLadysmith Black Mambazo igubha ukuqeda iminyaka engu-65 isendimeni yomculo kusho ukuthi bayizingqalabutho ngempela."
ISoweto Central Chorus iqhathwe neThe Jesus Collective - Angiyo - The Jesus Collective ft. Khaya Mthethwa, Gundo Nemukula ft Ayanda Ntanzi - Ndi Mambo, Ntethe ft Kholeka - Imithwalo Yethu, Musa Yende ft Brenden Praise - Amandla Amasha noSbu Noah ft Khuzani - Oh Nkosi Yami.
Leli qembu lake lacula noSamthing Soweto, Nqubeko Mbatha, Ntokozo Mbambo noKhaya Mthethwa.
Khonamanjalo: ILadysmith Black Mambazo izonandisa ePlayhouse Opera Theatre, eThekwini, ngoMgqibelo ngo-7 ebusuku, nangeSonto ngo-3 ntambama.
Labo mpetha bamaGrammy Awards bathembise ukubageza ubebebe abalandeli babo baKwaZulu-Natal. Ezingomeni okulindeleke ukuba zishiye izithameli zibheme zakholwa kubalwa ezithi Homeless, Nomathemba nethi Hello My Babe.
I-Ladysmith Black Mambazo izobhulelwa amazolo yiqembu elivumbulule ngesikhungo sayo esingumahamba-nendlwana, iLadysmith Black Mambazo Mobile Academy, iLadysmith Lemon. Amathikithi asatholakala eWebtickets nasePick n Pay.