UNKSZ Pinky Ntshangase oqokwe emunxeni womlingisi wesifazane ovelele kumaZikomo Africa Awards eTanzania
Image: FACEBOOK
UMLINGISI olingisa kuMalanga Awafani kwiSABC1 phakathi nezinsuku ngo-6.30 ntambama, uNksz Pinky Ntshangase, uthi kusho lukhulu kuye ukuqokwa kumaZikomo Africa Awards aseDar es Salaam, eTanzania ngoDisemba 17.
UPinky, olingisa indawo kaMaCele, udlana imilala nabalingisi besifazane bamazwe ngamazwe emunxeni weBest Zikomo Actress of The Year 2025. Uthe ukutonyulwa kulo munxa kumnikeza ugqozi lokuqhubeka nokusebenza ngokuzikhandla.
"Kungenza ngikhiphe amangwevu futhi ngiqinisekise ukuthi ngihlala ngenza iqiniso kunoma iyiphi indawo engiyilingisayo."
UPinky ubonge kakhulu abantu abamkhuthazile ukuze agcine eseyilo mlingisi ohlonishwa nasemazweni angaphandle. Uthe ngabe akafikanga kuleli zinga asekulo ukube ubengasekwa ngabalandeli, ngumndeni, noma wubani obukela imidlalo evutshelwe e-Afrika jikelele.
"Ngiyabonga kakhulu kusuka ngaphakathi ekujuleni kwenhliziyo yami. Ngicela ningakhohlwa wukuvota."
Unxuse abantu ukuba bathumele igama elithi Zikomo ZA10 ku-47439 bese kuthi abangakwazi ukukhokha u-R3 wokuvota bangene kule-website: zikomoawards.com.
UPinky uke wasakaza esiteshini somphakathi KwaMashu, iVibe 94.7 FM lapho aze wahlabana khona ngomklomelo weBest Presenter noweBest Content ngo-2015. Uke walingisa indawo kaMaZungu Maphalala kuMkhokha The Curse nekaKaMazibuko kwiScandal!. Uthe ayikho imfihlo yempumelelo njengoba yena ake walahlekelwa yikho konke ayenakho phambilini.
"Ngazama amabhizinisi kodwa kwangalunga. Ngasukuma ngazithintitha kodwa kwanhlanga zimuka nomoya futhi ngalahlekelwa yikho konke. Nakuba kunjalo kodwa angiphelanga umoya. Ngafunda emaphutheni ami, ngasukuma ngazithatha, ngaqhubeka nokuzama."
Uthe kulo mhlaba okuhlale kuhujwa amathuba kumqoka ukuthi ungabi ntekenteke kodwa ube nenkani yokuphokophelela phambili.
"Uhlale unelukuluku lokulokhu uzama emuva kokwehluleka. Impumelelo yakhiwe esisekelweni sokuzilungiselela, ukubekezela nesibindi sokufunda emaphutheni."
Ugqugquzele abeza ngemuva kwakhe ukuthi bangakunqeni ukulandela amaphupho abo ngoba naye wakhulela emjondolo futhi engenalo ithemba lokuthi uyogcina ephumelele kodwa manje usekhuthaza abanye ngempilo adlule kuyo.
UNKSZ Pinky Ntshangase ozomela iNingizimu Afrika kumaZikomo Africa Awards eTanzania ngenyanga ezayo
Image: FACEBOOK
UKSZ Pinky Ntshangase ozomela iNingizimu Afrika kumaZikomo Africa Awards eTanzania ngenyanga ezayo
Image: FACEBOOK
UNKSZ Pinky Ntshangase ozomela iNingizimu Afrika kumaZikomo Africa Awards eTanzania ngenyanga ezayo
Image: FACEBOOK
UPINKY Ntshangase ozomela iNingizimu Afrika kumaZikomo Africa Awards eTanzania ngenyanga ezayo
Image: FACEBOOK