UNKESHEMBA oshisa izikhotha ngengoma ethi Ngixolele Mntanami
Image: FACEBOOK
UMA kukhulunywa ngabaculi bakamaskandi abashisa izikhotha kulezi zinsuku, igama likaWandile "Nkeshemba" Mkhize wodumo lwengoma ethi Ngixolele Mntanami, ngeke lasala ngaphandle.
Leli noni likleliswe endaweni yesikhombisa kwiTop 10 neTop 20 ye-Official South African Charts, okuyishadi lezingoma ezithengwa kakhulu ezitolo zomculo ezisezinkundleni zokuxhumana. Lihleli ezithendeni zekaMafikizolo ethi Uyoncengwa Unyoko, Rato Raka kaShebeshxt, Umoya kaJazzworld, Bengicela kaMawhoo, Uvalo kaJazzworx neShela kaSam Deep okuyiyo eqengqeleza phambili.
UNkeshemba (21) wasesigodini saseSikhulu, KwaMachi, eHarding, uthe le mpumelelo isho ukufezeka kwamphupho njengoba kwakuyisifiso sakhe ukuthi abe wumculi esakhula.
"Isho ukuthi uMdali - njengoba ngazalwa ngifumbethe - usengikhombisile ukuthi ngangifumbetheni, okuyiwona umculo ophilisa abantu."
Ebuzwa ukuthi wayeyilindele yini impumelelo yomculo wakhe ngokuphazima kweso, uthe nakuba ayeyilindele kodwa hhayi ngokushesha okungaka.
"Konke kwenzeke mawala. Ngangizitshela ukuthi nami kuyongithatha iminyaka ukuthi ngibe kuleli zinga engikulona ezinhliziyweni zabathandi umculo."
INgixolele Mntanami seyidlalwe amahlandla awu-5.4 million kwiYouTube. Kwenzeka konke lokhu nje, le ngoma beyiwubhoko lokuzwa amanzi. Ubese eselandela ngengoma ethi UShaka esidlalalwe ka-2.5 million nethi Isibaya Sikababa esinama-views awu-330 000 kwiYouTube.
"Angikaze ngakhipha i-EP noma i-albhamu."
UNkeshemba uthe kuke kumphazamise emoyeni ukungangeni kwengoma yakhe ethi Ngixolele Mntanami kwiTop 20 yokuhlukanisa unyaka emsakazweni uKhozi FM ekubeni ingaconsi phansi ebantwini.
"Kodwa ngisheshe ngadlula kukhona ngoba ngiyazi konke kuyicebo loMvelinqangi namathongo. Njengoba ngiwumculi osanda kungena endimeni, kuningi engisazokufunda ngendlela izinto ezenzeka ngayo."
UNkeshemba, ozalwa uSinikeziwe Mkhize noMbongeni Sithole, ufunde oThando Primary naseSithabile High KwaMachi, lapho agcina khona kuGrade 10 ngenxa yokuthi kwakungamhambeli kahle.
UNKESHEMBA oshisa izikhotha ngenoni elithi Ngixolele Mntanami
Image: FACEBOOK
UNKESHEMBA oshisa izikhotha ngenoni elithi Ngixolele Mntanami
Image: FACEBOOK
UNKESHEMBA oshisa izikhotha ngenoni elithi Ngixolele Mntanami
Image: FACEBOOK
UNKESHEMBA oshisa izikhotha ngenoni elithi Ngixolele Mntanami
Image: FACEBOOK