USYA Zwide ofuna ukudlondlobala emculweni adlule abaculi abangasekho bakuleli njengoba ethi umculo wakhe uyakholelwa ekutheni uyombeka kwelinye izinga ngelinye ilanga
Image: Sithunyelwe
UFUNA ukuzibona engaphezu kwamaciko afana noBrenda Fassie no-AKA, uSya Zwide waseCato Ridge, othi uyakholelwa ekutheni uhlobo lomculo awuculayo ngelinye ilanga luyombeka ebalazweni lomhlaba.
USya usanda kukhipha i-EP ethi Inqama athe yenza kahle kakhulu njengoba umculo awenzayo uyisigqi se-Afro soul, Afro pop wathakwa nangesinesigqi sikamaskandi nesicathamiya.
Leli ciko lithe likhula beligxile kakhulu ekuculeni namaqembu esicathamiya ahlukene emakhaya nokuthe uma selifika emadolobheni amakhulu lafuna ukuzimela emculweni.
"Ngo-2020 kulapho ngiqale khona ukukhipha ingoma yokuqala ethi Akusiye Owakho, kodwa iCovid-19 yangiphazamisa njengoba ngingakwazanga ukuthi le ngoma ngiyifikise lapho engangithi izofika khona. Kuthe kulo nyaka ngaphinde ngakhipha enye ethi Muhle eyenza kahle njengoba abantu bayijabulela futhi iyadlala namanje eziteshini zomculo kwithelevishini. Lokho kwangenza ngakhuthalela ukuthi ngikhiphe izingoma eziningi nokulapho kuqhamuke khona umqondo we-EP nayo eyenza kahle njengoba izingoma ezikuyo sezizwakale emisakazweni okukhona kuyo uKhozi FM nakwezinye iziteshi," kuchaza yena.
Uthe izingoma zakhe zinika ithemba ebantwini ababhekene nezinkinga empilweni ngoba zibuyisa lona.
"Kuwona wonke umsebenzi wami ngisebenze namaciko asakhula afana nami okukhona kuwo uMinnie noSkhumbuzo Thabethe osezakhele igama kule ndima. Yize kukhona abaculi abanegama engibathandayo kodwa angifisi ukusebenza nabo ngoba nami ngisafuna ukuzimela, ngisebenze kanzima ukufinyelela lapho bekhona manje. U-AKA noBrenda Fassie abangasekho ngamanye amaciko anegama esike saba nawo, mina ngifuna ukudlulela ezingeni ababekulo ngoba ngiyazi ukuthi uhlobo lomculo engilwenzayo luhlukile," kuchaza yena.
Uthe okusezinhlelweni zakhe wukuqhubeka aqhakambise umculo wesintu kodwa awenze ngendlela ozojatshulelwa ngayo manje.
Related Topics: