JABU HLONGWANE
Image: SIGCINIWE
ABAGQUGQUZELI be-We Lift Him Higher Gospel Music Experience sebedlulise ukuxolisa kwabazame ukuthenga amathikithi okuhambela leli dili lomculo eNewcastle Show Hall, ngoNovemba 22, kusukela ngo-5 ntambama.
"Sithanda ukudlulisa ukuxolisa kubobonke abalaleli ozame ukuthenga amathikithi kusukela ngoLwesihlanu kwaze kwaba izolo (ngoLwesibili), eSpar Supermarkets nasemagaraji akwaSasol kodwa kwangalunga. Inkinga yadalwa ukuphazamiseka kohlelo lakwaTicketpro olwaphazamisa ukudayisa amathikithi eSpar naseSasol."
Siqhuba isitatimende sithe sekunenkampani entsha edayisa amathikithi e-We Lift Him Higher Gospel Music Experience eShoprite, Checkers, Usave naseComputikcet. Bathembise ukuthi lo mcimbi uzobe usezingeni elicokeme.
"Kuzobe kuwubusuku obungasoze bakhohlakala bendumiso ngenxa yohlu lwabaculi abazobe benandisa khona okungoNozipho Phiri, Jabu Hlongwane, Lusanda Beja, Sindi Ntombela, Ncandweni Christ Ambassadors noMpumi Mtsweni."
Umgqugquzeli wale ndumezulu yomcimbi, uThulani Ga Ndlela weGa Music Productions, uthe inhlosongqangi wukwakha ubumbano kubathandi bomculo wokholo ukuze kuqhakanjiswe inkolo.
"I-We Lift Him Higher Gospel Music Experience iqhubeka nokuletha ithemba nenkuthalo ezindaweni zaKwaZulu-Natal. Inhloso yethu wukuhlanganisa imiphakathi ngamandla omculo wokholo, sigubhe izinto ezingamagugu ethu nenkolo njengoba sesibheke emaholidini kaKhisimusi. Simema wonke umuntu ukuba azohlanganyela nathi kulo mcimbi ozobe uvuselela izinhliziyo nemiphefumulo."
Uthe kulo nyaka bazimisele ukusebenzisa lo mcimbi ukukhuthaza ubunye kubantu bakulesi sifundazwe.