Izindaba

Kumthunuke amanxeba owokholo ukudlwengulwa kwengane

Charles Khuzwayo|Published

UMPUMI Mtsweni unxusa uNkulunkulu ukuba angenelele ekudlwengulweni kwezingane kuleli

Image: FACEBOOK

UMPUMI Mtsweni unxusa uNkulunkulu ukuba angenelele ekudlwengulweni kwezingane kuleli

Image: FACEBOOK

UMCULI wokholo, uMpumi Mtsweni, uvukwe wumunyu wahlengezela izinyembezi ekhuluma ngokudlwengulwa kwezingane kuleli. UMpumi, ocula ingoma ethi Thath' Indawo Yakho kwiSpirit of Praise 8, uthe ukwazi kahle ukudlwengulwa emncane.

"Ngiyakwazi ukudlwengulwa ukuthi kunjani uyingane. Ngakho ngiyazi ukuthi ngikhuluma ngani. Ngiyakwazi ukuxolisa endodeni endala iphezu kwami, ngiyingane. Ngithi 'ngiyaxolisa ngiyalimala'. Iqhubeke indoda izenzele ize iqede."

UMpumi uthe okumenza akhumbule lesi sigameko yingenxa yomyalezo awuthole ngesigameko esenzeke eDelmas, eMpumalanga, ngesonto eledlule, lapho kunentombazane eneminyaka eyisithupha edlwengulwe maqede yayolahlwa ngakubo.

"Le ngane bese ilahleke izinsuku eziningi. Ukhona umzali ongalala ubuthongo engazi ukuthi ingane yakhe ikuphi? Ngiyacabanga loyo mzali ulala enethemba lokuthi ingane izobuya. Ngiyabona nje ngamehlo engqondo indoda endala iziphindaphinda enganeni."

Uthe uyathandaza ukuthi uNkulunkulu awuphendulele lo mndeni.

"Bakithi le nto yokudlwengulwa kwezingane kufanele iphele. Uyabazi ubuhlungu obuzwisa le ngane? Uyawazi lo mgodi owumbayo ukuthi ujule kangakanani? Uyazi kubiza kangakanani ukwelapha lobu buhlungu."

Uthe uyabazi kahle yena lobo buhlungu ngoba wadlula kubo ngenxa yomuntu owayemhalela futhi efuna nokuzwisa abazali bakhe ubuhlungu.

"Ngiyazi kunjani ukuphoqwa ukuba uvulele indoda endala imilenze, (izenzele nje kimi)."

UMpumi uthe uyafisa ukuba uNkulunkulu angenelele osizini olubhekene nabantwana eNingizimu Afrika. Uthe umphatha kabi umkhuba wokudlwengulwa nokubulawa kwezingane zimsulwa. Echaza ngokudlwengulwa kwakhe, uMpumi uthe kwenzeka kabili eneminyaka engaphansi kuka-10 esahlala nogogo ozala unina eHendrina, eMpumalanga, futhi kwaphinda okwesithathu esehlala nonina eWitbank.

"Kufana nedimoni le nto ngoba uma ukudlwengulwa kuke kwenzeka, kuyakuphinda futhi. Ngakho kufanele uthandaze kanzima."

Uthe lezi zigameko zamenza wanenhliziyo embi futhi wazama kwaze kwakathathu ukuzibulala. Esephetha, uthe wasizwa ukukhuluma ngesehlakalo esidlangalaleni nokwelulekwa ngokomqondo esontweni nasemitholampilo. Ushadele kwaTshabalala futhi usengumama.

Khonamanjalo: UMpumi uzoshiyelana inkundla noJabu Hlongwane, Nozipho Phiri, Lusanda Beja, Sindi Ntombela, Ncandweni Christ Ambassadors noThulani Ga Ndlela kwi-We Lift Him Higher Gospel Music Experience eNewcastle Show Hall, ngoMgqibelo kusukela ngo-5 ntambama.

UMPUMI Mtsweni unxusa uNkulunkulu ukuba angenelele ekudlwengulweni kwezingane kuleli

Image: FACEBOOK

UMPUMI Mtsweni unxusa uNkulunkulu ukuba angenelele ekudlwengulweni kwezingane kuleli

Image: FACEBOOK

UMPUMI Mtsweni unxusa uNkulunkulu ukuba angenelele ekudlwengulweni kwezingane kuleli

Image: FACEBOOK