Umphathiswa wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu eKZN uMfu Thulasizwe Buthelezi
Image: KZN COGTA / Facebook
UMPHATHISWA wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu KwaZulu-Natal, uMfu Thulasizwe Buthelezi, uyalichitha kwesobukhosi iso leSilo uMisuzulu Sinqobile kaZwelithini, uMnuz Qiniso Ncube.
UButhelezi uthe uNcube akasiyona inkosi, wathi iMbube ayikaze imnikeze uNcube ubukhosi.
Ukusho lokhu ngesikhathi ekhuluma embizweni ebibizelwe ukuzokhuza umsindo odalwe ukuqokwa kukaNcube njengeso leSilo endaweni ezingaphansi kobukhosi baKwaMpukunyoni, kwaMkhwanazi, eMtubatuba.
UNcube uqokwe iMbube ukuba abe iso layo ezindaweni okubalwa kuso nedolobha eliqanjwe ngenkosi yakwaMkhwanazi endala, uMtubatuba.
Kusukela uNcube eqokiwe yiMbube ubesezibiza ngenkosi. UButhelezi uthe uNcube akakaze abe yinkosi.
"Kukhona nje abafike lapha kimi ekuseni bathi bathunywe yinkosi uNcube. Ayikho into enjalo. Asikaze iSilo sibeke uNcube njengenkosi. Bengikhona mina eMashobeni, asikaze iSilo sibeke uNcube njengenkosi. Ngakho-ke uma kukhona umuntu ozibiza ngenkosi azi ukuthi akekho emthethweni. ISilo asikaze simemezele enye inkosi phezu kwenye inkosi. Ngiyafisa ukuthi kuphele ukudideka."
UButhelezi uthe uNcube kuzomele apheze ukuhamba ebiza imihlangano.
"Uma uqokwe yiSilo, uyalinda. Awuvele uxhomondele, uhambe uzibiza ngenkosi, uhambe ukhulekelwa njengenkosi. Ozohamba ezibiza ngenkosi akabhasobhe, ngoba icala lelo. Esifundeni iMajuba kukhona owaboshwa. Awukwazi ukuvuka ekuseni usuyinkosi ekubeni umkhulu wakho engakaze abe yinkosi."
UButhelezi uthe izigodi ezibangwayo, iDukuduku, Zwenelisha neKhulanomathiya zingaphansi kobukhosi bakwaMkhwanazi.
UButhelezi uthe izigcinalwazi zomnyango zikhombisa ukuthi lezi zigodi zontathu zingaphansi kobukhosi bakwaMkhwanazi.
"Ovukelwa isilungulela sokuthi ufuna ukuphatha abantu kuzofanele aqale abheke ngoba isizwe nesizwe silawulwa yimingcele. Leli zwe esimi kulo elabaKhwanazi."
UButhelezi unxuse ukuba kube nokuthula, wanxusa abaKhwanazi ukuba bapheze ukuthuka iSilo.
"Lo msindo obukhona umsindo obekungafanalele ube khona. Kuvuke nje umuntu wazibiza ngenkosi kungafanele. Ayi inkinga ekhona. Akumele sixakwe yinto okungamele isixake."
UKhomishana wamaPhoyisa KwaZulu-Natal, uLieutenant General Nhlanhla Mkhwanazi, unxuse ukuba lolu daba luxazululwe ngokuthula.
UMkhwanazi ukhuze labo abasabisa ngokuvala umgwaqo onguthelawayeka u-N2.
"Ningayikhulumi ngemikhonto, xoxisanani indaba yenu lena. Uma ungajabule ngokubhalwe phansi zikhona izindlelo zokulwa nalokho. Zikhona izinkantolo. Ningabhalela ongqongqoshe nibatshele ukuthi awushintshwe umthetho. Uma ningajabule ngendlela obhalwe ngayo umthetho hambani niyovota, nifake abantu abazowushintsha umthetho."
UMkhwanazi uthe ithimba lamaphoyisa eliphenya amacala okubulala aphenya amacala amahlanu okubulala abantu basebukhosini bakwaMkhwanazi.
Phakathi kwalaba bantu ababulawa, kukhona loyo owayeyikhansela le-IFP, uMnuz Innocent "Killer" Mkhwanazi nenduna eyayisondelene naye.
Related Topics: