UMHOLI we-Afrika Mayibuye Movement, uMnuz Floyd Shivambu
Image: X
KUZOGUGA iphakethe kwabazokuya emcimbini wesidlo sasebusuku weqembu eliholwa uMnuz Floyd Shivambu, i-Afrika Mayibuye Movement.
Ithikithi elibiza kunawo wonke lingu-R2 million. Leli thikithi lizokwenza ukuthi ukwazi ukuhlala etafuleni okuzokube kuhleli kulo uShivambu, okuyimali elingana neyakhokhwa ababehlezi eduze komholi weMK, uMnuz Jacob Zuma, ngesikhathi iqembu lakhe (MK) linomcimbi wokugubha unyaka lasungulwa.
Uma ufuna ukuhlala eduze kwephini lomholi weqembu, uMnuz Robert Nwedo, uzokhokha u-R1.5 million. Kule mali uzothola ukudla okuhlukene izigaba ezintathu.
Umcimbi we-Afrika Mayibuye Movement uzokuba ngoNovemba 28, ehhotela eliphambili elisendaweni yamtakabani, eSandton, eGoli.
Imali ezoqoqwa kulo mcimbi izosetshenziselwa ukuhlela ingqungquthela yokuqala ye-Afrika Mayibuye Movement.
I-Afrika Mayibuye Movement ingomafikizolo kwezepolitiki yakuleli, isungulwe emva kokuchithwa kukaShivambu kwiMK.
Esitatimendeni, i-Afrika Mayibuye Movement, ithe ihlela ukuhlanganisa abantu abaqhamuka emikhakheni eyahlukene okuyibo abazothenga amathikithi omcimbi wasebusuku.
"Umcimbi uzohlanganisa osomabhizinisi, abaSamariya abalungileyo, abasebenza emikhakheni eyahlukene nezishoshovu. Sihlanganiswe ukulwela ukubuyiswa kwesithunzi, amandla ezomnotho nobuholi obuqotho. Sifisa ukubambisana nabantu abaqhamuka emikhakheni eyahlukene embhidlangweni wethu wokuthuthukisa abesifazane nentsha."
I-Afrika Mayibuye Movement imemezele ingqungquthela yayo yokuqala ezokuba ngoDisemba, eGoli.
"Le ngqungquthela iyisigaba esibalulekile emzabalazweni wokukhulula abantu abamnyama. Lana sikhuluma ngenkululeko yangempela, ephelele. Ingqungquthela yethu izohlanganisa abaholi bomdabu, abaholi bamabandla, izifundiswa, abaholi bomphakathi nabaholi bezinyunyana. Sizokuba nezithunywa eziqhumuka ezifundazweni ezihlukene ezizokube zimele abantu abasha, abesifazane nabafundi. Sizokhuluma ngezwi elilodwa lapha. Sizobuka kabusha imiqulu yethu siphinde sicabe nendlela ebheke phambili."
I-Afrika Mayibuye Movement isanda kusungulwa kodwa isike yabhekana nezinkinga zobuholi.
Obeyiphini lomholi, uNksz Nolubabalo Mgcina, wamiswa esikhundleni emva kwenzinsolo zokuthi wabamba umhlangano noZuma.
UNksz Mgcina usanda kuveza ukuthi usebuyele kwiMK kodwa wathi akashiyile nakwi-Afrika Mayibuye Movement.
I-Afrika Mayibuye Movement isiyaqoka uNwedo ukuba athathe isikhundla ebesiphethwe uNksz Mgcina.
Related Topics: