ISILO Samabandla, uMisuzulu kaZwelithini sihlangana noMphathiswa wezoLimo KwaZulu-Natal, uNkk Thembeni kaMadlopha-Mthethwa, nethimba lakhe ngempelasonto
Image: SITHYNYELWE
ISILO uMisuzulu Sinqobile kaZwelithini sichaze ngokwasihlukanisa nezimbiza zikaFaro nobuhlungu esabuzwa mhla sithatha lesi sinqumo, njengoba yanquma ukushiya amahabulo mhlazane ingena esihlalweni sobukhosi, yathi akubanga lula ngesikhathi ithatha lesi sinqumo.
Ikusho lokhu ngesikhathi izokothiwa nguMphathiswa wezoLimo nokuThuthukiswa kweziNdawo zaseMakhaya, uNkk Thembeni kaMadlopha-Mthethwa.
IMbube yangena esihlalweni sobukhosi ngo-2021. INdlulamithi yamakhosi ithe ngaphambi kokuthi ingene eSihlalweni sobuKhosi bukaZulu yayiziphilela impilo yayo yobumnandi kodwa yanquma ukushintsha izindlela zayo ngesikhathi ithatha isihlalo.
"Bengiphila impilo yomjitha mina. Bengiziphuzela, ngenza konke lokhu okunye. Kodwa ngathi uma sengingena esihlalweni kwathiwa usukwenye indawo manje engcwele. Kwathiwa kufanele ushintshe indlela owenza ngayo. Kwaba buhlungu ukuthi ngihlukana namabhodlela ami neziphuzo."
IMbube ithe lesi sinqumo saholela ekutheni ithole ukukhanya. ISilo sinxuse uZulu ukuba uzinikele eNkosini ukuze uzothola ukukhanya.
"Kulapho-ke uthola ukukhanya uma usondela eNkosini. Kulapho ubuyela khona emqondweni wakho, bese ekusondeza eduze kukaMdali."
ISilo siphinde sanxusa uZulu ukuba akhuthalele ezolimo, yathi umnotho usemhlabathini njengoba uZulu ubusiswe ngomhlaba ongaphansi kweNgonyama Trust.
"Asilime, ukudla kubalulekile. Niyazi ukuthi singakwazi ukulima ukudla okungadliwa umhlaba wonke lapha KwaZulu-Natal. Ngomhlaba nje ongaphansi kweNgonyama Trust uwodwa, singakwazi ukuphakela umhlaba wonke. Niyazi i-aphula leli, uma kukhona olidayisa ngo-R3 thina singakwazi ukulikhiqiza ngesihlanu nje kuphela."
IMbube iphinde yakhuza abashaya indiva umyalelo wokuba kungahanjiswa imfuyo njengoba kusahlasele isifo samatele.
"Kade yakhuzwa le nto. Laba abasahambisa izinkomo namanje amasela nje lawo. Ubona ngokuthi izinkomo bazihambisa ebusuku."
UNkk kaMadlopha-Mthethwa uthe umnyango wakhe uzobambisana kakhulu neSilo ezinhlelweni zolimo.
UNkk kaMadlopha-Mthethwa uthe umnyango wakhe uzofaka kakhulu imali ekufukuleni ezolimo ezifundeni iZululand, Mkhanyakude, Mzinyathi naseHarry Gwala.
"Sithe uma senza ucwaningo sathola ukuthi indlala idla lubi esifundeni iZululand, Mkhanyakude, Mzinyathi naseHarry Gwala. Ingakho sifaka imali eningi kulezi zifunda. Ziningi izinhlelo zokulwa nendlala esizoqhamuka nazo."
Related Topics: