Tshatha Ngobe
Image: Instagram
IMALI izobe ikhiwa ngamahalavu emcimbini wokubungaza umsakazi woKhozi FM, iTshatha Music Festival eLindizwe Stadium, kwaNongoma ngoDisemba 29.
Abaculi bazobanga isiteki sikaR175 000 bese abaphathi bohlelo badlane imilala esitekini sikaR160 000.
KuCategory 1 kuqhudelana abaculi okubalwa kubo uNtencane TMF 01, Stabilithi TMF 02, Mthembeni TMF 03, Mdumazi TMF 04, Jaiva TMF 05, AmaNND TMF 06, Maganga TMF 07, Mayoghurt TMF 08, Msezane TMF 09, Khandalenja TMF 10, Mbeje TMF 11, Swidi TMF 12, Mjolisi TMF 13, Ijongelihle MTF 14, Cmbero MTF 15, Masampula TMF 16, Magoqa TMF 17, Kasi Shandisi TMF 18, Mlabalaba TMF 19, Njabulo Langa TMF 20, Mashelela TMF 21, Nqola TMF 22, Mashwabana TMF 23 noSokolisa TMF 24.
Umgqugquzeli walo mcimbi, uKhathide "Tshatha" Ngobe uthe umculi ozodla umhlanganiso uzoklonyeliswa ngoR100 000, ozolala isibili awine uR50 000 bese ophume endaweni yesithathu athole uR25 000.
"Umlandeli ozovota kakhulu uzowina iselulafoni nesithole sensikazi, inkomo le ethi mo .Ukuvota, uthumela i-code yomculi ku -33622. Kanti iSMS ibiza uR1.50 kuphela," kusho uTshatha osakaza uhlelo lwantambama oKhozini.
KwiCategory B kuqhathwe abaphathi bezinhlelo zasemicimbini, okungoMsakazi Ongadumile TMF 25, Butiza Nodumo TMF 26, Isihlulampisi MTF 27, Ndu Zuma TMF 28, MC Ishinga LasoLundi TMF 29, Modelikazi TMF 30, Zama Mseleku TMF, Welcome Ntombela TMF 32, Kiss Before TMF 33, Londi Gazu TMF 34, Mtshali Ongenamoto TMF 35 noMafresh TMF 36.
Umphathi wohlelo ozobaqwaqwada emakhanda uzoklonyeliswa ngoR80 000, ophume isibili awine uR50 000. UTshatha unxuse abazovota ukuba bangakhohlwa ukushiya isikhala phakathi kwegama elithi TMF nenombolo yeciko.
Uthe bonke abavotelwayo abaphoqwanga kodwa kuvunyelwene naye. "Kafushane nje isaziso sibalula ukuthi bonke abaculi abangenele umncintiswano, bashayelwe ucingo bavuma ukungenela." Kubabaculi abazobe beshiyelana inkundla kubalwa uKhuzani, Big Zulu noMthandeni SK.
MODELKAZI
Image: SIGCINIWE