UDKT Sbongiseni Dhlomo ehambisana nobuholi be-ANC eThekwini, behleli noNksz Nozipho Mtshali, akade bekhuluma ngesishoshovu somzabalazo, uMnuz Vusi Mtshali
Image: Nokubongwa Phenyane
UFIKELWE umunyu udadewabo wesishoshovu somzabalazo se-ANC, uMnuz Vusi Mtshali esabulawa ngo-1988 siseneminyaka engu-28, ngesikhathi izolo, ubuholi baseThekwini buhambisana nelungu le-ANC uDkt Sibongiseni Dhlomo, benze isikhumbuzo sakhe kubo KwaMashu, kwaB.
Amalungu e-ANC aqhamuka ezindaweni ezihlukene ahlangene kwaMtshali esidlweni sasekuseni axoxa ngokwenzeka kuleli lokishi kusaliwa nobandlululo.
AMALUNGU e-ANC KwaMashu, akade ehambele umndeni wakwaMtshali la kukhunjulwe elinye lamalungu alo elashona ngeminyaka yama-80s
Image: Nokubongwa Phenyane
UNksz Nozipho Mtshali udadewabo kaVusi, uthe ubenentukuthelo enkulu kwi-ANC njengoba ebehlala ebona kuvakashelwa imizi yezinye izishoshovu kodwa kubo kungaziwa.
Uthe kodwa okwenziwe abebeholwa nguDhlomo kumenze waxola.
"Ngilama yena uVusi, washona esemncane kakhulu. Asazi nokuthi wabulawa kanjani njengoba sathola umlenze wakhe kuphela, umzimba namanje asiwazi. Batholakala kujatshi wesitimela ePhoenix, nabanye njengoba babeyintsha eyayilwela ukuthi izwe likhululeke ngaleso sikhathi. Bengihlala ngibona kukhunjulwa ngabanye abashona njengaye kodwa thina singanakwa, namhlanje kodwa ngijabule," kusho uNksz Mtshali.
Uthe ukuze bathole okuningi ngokubulawa kukamfowabo kwasiza iKhomishini yamaQiniso nokuBuyisana eyayiphenya ngokufa kwentsha eningi ngeminyaka yama-80s, nokuyiyo eyabanika isithombe esicacile.
UDhlomo uveze ukuthi baqale uhlelo olufana nalolu olusazoqhubeka ngakho njalo ukubona ukuthi maningi amasosha omzalabalazo adlula emhlabeni abadinga ukuthi bahlale bewakhumbula.
"Ngiyakwazisa okuvezwe udadewabo kaVusi ukuthi ubengaphathekile kahle ngenxa yokuthi umfowabo bese kungathi usekhohlakele sekunakwe abanye, kodwa akunjalo njengoba siqale uhlelo lokuhambela yonke imizi yamalungu ka-ANC abulawa kabuhlungu siwakhumbule, sixoxe nangabo. Bekukhona nakithi ukuthi baningi esingakaze siyobonana nemindeni yabo kodwa manje ngalolu hlelo awukho umndeni ozosala ngaphandle," kusho uDhlomo.
Uthe sesifikile isikhathi sokuthi babuyele emphakathini basondele kubantu njengoba abanye baze baqhela kwi-ANC, bekhala ngokuthi abaholi bayo abanye baphakeme.
"Yisikhathi manje sokuthi njenge-ANC siye emphakathini siyozwa ukuthi badingani, ukuhambela kude nomphakathi yikhona lokhu abantu uma sikhuluma nabo abathi kusibeke la sikhona manje," kuchaza yena.
Related Topics: