UMNUZ Cedric Nkabinde
Image: Facebook
KUGUQE umhlangano wekomiti lasePhalamende kushayisana ubufakazi besikhulu sezisebenzi ehhovisi likaNgqongqoshe wamaPhoyisa, uMnuz Cedric Nkabinde.
Umhlangano wekomiti uchithwe emva kokuba ikomiti libambe uNkabinde ukuthi uqambe amanga ngobudlelwano bakhe nosomabhizinisi osematheni, uMnuz Brown Mogotsi.
UNkabinde utshele amalungu ekomiti ukuthi waqala ukwazana noMogotsi phakathi kuka-Okthoba noNovemba wangonyaka owedlule, wathi inombolo kaMogotsi wayinikwa uNgqongqoshe omisiwe, uMnuz Senzo Mchunu, emcela ukuba amhlelele umhlangano.
Ilungu leMK, uMnuz Sibonelo Nomvalo, lithe lokhu kuyashayisana nokusencwadini efungelwe elethwe uNkabinde phambi kwekomiti.
UNomvalo uthe encwadini efungelwe, uNkabinde uveze ukuthi ngoSeptemba wangonyaka owedlule, wayevele esenayo inombolo kaMogotsi.
UNomvalo uthe kunengxenye lapho khona uNkabinde aveza ukuthi uKhomishana wamaPhoyisa KwaZulu-Natal, uLieutenant General Nhlanhla Mkhwanazi, wambuza ngoMogotsi ngoSeptemba wangonyaka owedlule.
"Lapha esitatimendeni uthi wamphendula uMkhwanazi ngokuthi uMogotsi usondelene noMchunu, waze wathumela ngisho nenombolo yakhe ukuqinisekisa. Le ngxoxo yenu yayingoSepthemba. Manje ususitshela ukuthi waqala ukuba nenombolo kaMogotsi ngoNovemba. Iyadida le nto."
UNkabinde uthe ezinye izinto akasazikhumbuli kahle, wakhala ngokuthi amaphoyisa ashaqa zonke izinsiza zakhe zezokuxhumana.
Amalungu ekomiti ayalele uNkabinde ukuba abuyele ekhaya ayoqala phansi isitatimende sakhe.
I-EFF ithe izovulela uNkabinde icala lokudukisa iPhalamende.
Related Topics: