ISIKHULU sikaMasipala weThekwini, uMnuz Ednick Msweli, sibuyise ithemba emphakathini wakuleli dolobha mayelana namanzi
Image: SITHUNYELWE
SEKUYALUNGA ngenkinga yamanzi kuMasipala waseThekwini kulandela ukutholwa kwembangela yokugqoza kwamanzi ezindaweni ezakhele leli dolobha.
Lokhu kuvele ngesikhathi uphiko olubhekene namanzi nokuhanjiswa kwendle kulo masipala lubonisana nomphakathi waseThekwini, ngezindlela ezingasetshenziswa ekusheshiseni uhlelo lokulethwa kwentuthuko ebantwini.
Lolu hlelo lokuqinisa ubudlelwano, ukuthembana nokuvulelana izifuba, phakathi kwalolu phiko nezakhamuzi, luhambe kahle kakhulu ngoLwesine. Lolu phiko beluhlanganise umphakathi ngenhloso yokuwazisa ngezingqinamba nenqubekela phambili ngenkinga yamanzi.
Ekhuluma emhlanganweni, ongumqondisi ophezulu osabambile kulolu phiko, uMnuz Ednick Msweli, uthe ukusetshenziswa kwamaqhinga amasha ukuxazulula le nzukazikeyi yamanzi ekhungethe omasipala abaningi KwaZulu-Natal, sekuqala ukuthela izithelo emuva kokutholwa kwezimbangela.
Uthe bathole izindawo ezidinga ukunakekelwa nokushintshwa kwengqalasizinda kuzo. Eqhuba uthe kunamapayipi afuna ukushintshwa nokuthuthukiswa kwabusha ukuze akwazi ukumelana nomthamo wamanzi ukuze kugwenye ukuxhaxhaza kwamanzi nokuqhuma kwamapayipi osekuyinsakavukela umchilo wesidwaba ezindaweni eziningi zakulo masipala.
Emisebenzini emikhulu ezokwenziwa kubalwa ukuthuthukiswa kwesiteshi samanzi esiseNtuzuma nengqalasizinda esoGunjini. UMnyango wezeziMali kuleli ubeke eceleni isamba sika-R356 million ukuxhasa izinhlelo zophiko lwamanzi nokuhanjiswa kwendle eThekwini namaphethelo.