IMEYAa kaMasipala waseMfolozi uMnuz Xolani Bhengu nabakwaPolyco, bedlulisa izinsizakusebenza kwabaziphilisa ngokuqoqa udoti ezindaweni zaseMfolozi
Image: SITHUNYELWE
KUGQUGQUZELWE abazali ukuba bafundise izingane ukuthi udoti uyibhizinisi ukuze zikwazi ukondla imindeni yazo ngawo.
Lokhu kuvele ngesikhathi abaziphilisa ngokuqoqa udoti behlomula ngezinsiza zokusebenza emhlanganweni obusehholo likaMasipala waseMfolozi ngoLwesine. Abaqoqa udoti ezindaweni ezakhele uMasipala bafundiswe ngamathuba okwenza imali asembonini yokushintsha udoti bawenze izinto ezingasebenza.
UMnyango wezeMvelo nokuPhathwa kukaDoti kuMasipala waseMfolozi ubambisene nenhlangano iPolyco babe nesithangami sokucobelelana ngolwazi nabaqoqa udoti. Kulesi sithangami bafundiswe ngokwehluka kukadoti nokuthi yimuphi abangakwazi ukwenza ngawo imali.
IMeya yaseMfolozi, uMnuz uXolani Bhengu, ithe mukhulu umsebenzi owenziwa abaziphilisa ngokuqoqa udoti, ngakho bangawubukeli phansi. UBhengu uthe sengathi nabanye bangawubona lo msebenzi bangene kuwo bondle imindeni yabo.
Abebesemhlanganweni banxuswe ukuba babhalise izinkampani ikakhulukazi ngezingane ukuze bathole uxhaso ngoba bayadingeka abantu abasebasha.
Iminyango ehlukene esebenza ngodoti ichazele abaqoqa udoti ngemigudu efanele ukuze amabhizinisi abo ahambisane nomthetho.
KUBE yinjabulo ngesikhathi abaziphilisa ngokuqoqa udoti kuMasipala waseMfolozi benikwa izinsizakusebenza bexhaswe yinhlangano iPolyco ehholo kuMasipala waseMfolozi ngoLwesine
Image: SITHUNYELWE