Izindaba

UMasipala uqale uhlelo lokuqoqa izikweletu emalokishini nakosomabhizinisi

Nokubongwa Phenyane|Published

IMeya yaseNewcastle uMnuz Xolani Dube osenxuse izakhamuzi ezakhele loMasipala ukuthi ziqale zikhokhe izikweletu njengoba nabo bethwele kanzima ngenxa yemali enkulu abakweletwa yona umphakathi, osomabhizinisi namahhovisi kahulumeni

Image: Sithunyelwe

LUQALE ngegiya eliphezulu uhlelo lukaMasipala waseNewcastle, lokuqoqa izikweletu emalokishini, kosomabhizinisi kanjalo nezikhungo zikahulumeni ezikuleli dolobha.

Lolu hlelo beluholwa uMeya uMnuz Xolani Dube, noveze ukuthi bakhethe ukuzifikela mathupha emphakathini bezoqoqa imali yezikweletu.

UDube uthe bachithe izinsuku ezintathu behambela izindawo ezahlukene bexoxa nemphakathi, osomabhizinisi ezindaweni ezahlukene bebatshela ukuthi abaqale bakhokhe izikweletu zabo zikaMasipala.

Umphakathi waseNewcastle osunxuswe ukuthi uqale ukhokhele izidingo zikaMasipala njengoba bekweleta imali enkulu

Image: Sithunyelwe

"UMasipala ukweletwa imali engango R2.3 billion, nokwenza kube nzisa ukuthi siqhubeke sisebenze ngendlela njengohulumeni. Abantu badinga izinsiza emphakathini kodwa konke lokhu akwenzeki ngenxa yokuthi imali asinayo futhi izikweletu zikagesi, amanzi nokunye okusetshenziwa emphakathini akusakhokhwa. Siqale elokishini laseMadadeni ezigcemeni ezimbili nala sibona khona ukuthi lo mkhuba uyanda njengoba abantu abaningi khona bengazixaki ngokukhokhela izinsiza abazisebenzisayo. Ukuze konke kuhambe ngohlelo futhi siphinde silungise nezinye izinsiza ezisiza umphakathi kumele sibambisane," kusho uDube.

Uthe babhekene nobunzima njengoMasipala, kungakho bekhethe ukuthi basukumele uhlelo olufana nalolu olungeke lushiye muntu ngaphandle.

"Siyanxusa kubona bonke abantu abakhele uMasipala wethu ukuthi bakuthathe njengento esisiza sonke lokhu esikwenzayo, siyacela babe nesandla ekutheni uMasipala usebenza kahle ukuze uzokwazi ukukhulisa umnotho nedolobha likhule njengamanye. Ukukhokhela kwabo izidingo kuzokwenza ukuthi nathi sikwazi ukuhambisa izidingo emphakathini futhi ingqalasizinda yonke esinayo isebenze kahle ngoba izobe inakekelwa," kusho uDube.

Uthe kukhona uhlelo abaluqalile lokusiza abakweletayo ukuthi bakwazi ukukhokha ngendlela evumelana nabo, nabazothola usizo lwayo uma befika amahhovisi abo ahlukene amanye asedolobheni eNewcastle,  Madadeni eSection 1 nase-4 nasoSizweni.