Izindaba

Kuzohlonyiswa abesifazane ngolwazi kwethulwa incwadi

Charles Khuzwayo|Published

UZANELE 'MaNyambose' Mthethwa uzokwethula incwadi yakhe yeshumi iBruised But Not Broken, eBerea Congregational Church, eMusgrave, eThekwini

Image: SITHUNYELWE

UMLOBI wesifazane, okwabahlonishwayo kulo mkhakha, udonsa abesifazane ngendlebe ukuba bangalinge bazibethele ngenxa yezimo ezibuhlungu abadlule kuzo, kunalokho abaqinise abanye abalimele.

Ukugcizelela leli phuzu, uNksz Zanele Mthethwa (45), odume ngelikaMaNyambose, uze waloba incwadi esihloko sithi Bruised But Not Broken.

Le ntokazi eke yaba yintatheli iminyaka engu-15, izokwethula le ncwadi yeshumi eBerea Congregational Church, eMusgrave, eThekwini, ngoMgqibelo ngo-10 ekuseni. UMaNyambose uthe ukwethulwa kwale ncwadi, ezaleke ngesikhathi epholisa ubuhlungu adlule kubo, kuhambisana nesithangami  sokucobelelana ngolwazi esibizwa ngeBreaking The Silence Seminar. Uthe basuke behlomisa ngolwazi, ikakhulukazi abalimele emphefumulweni.

“Zonke izincwadi zami zizalwe yizimo engidlula kuzo, kusukela ekupheleni komshado wami ngo-2015. Kuthe uma ngethula incwadi yokuqala ethi Divorce Breaking The Silence ngo-2017, ngathola iningi labesifazane ebelidlule esimeni esifanayo, ebelidinga ukwelulekwa.

Uthe yazaleka kanjalo iBreaking The Silence Seminar, okuzoba ngeyesithupha nonyaka.

Uveze ukuthi izicelo zokwelulekwa kwabesifazane zingene zilakanyana, okwenze wagcina ebona isidingo salezi zithangami.

“Balimele abesifazane ikakhulukazi kwezothando. Inkinga enkulu wukuthi bayasaba ukukhuluma ngoba bazokwahlulelwa, babukeke njengezahluleki. Nakimina bekungelula ngiqala lezi zithangami, ngibhala nencwadi. Abanye babengithuka bethi ngifafaza umoya wedivosi.”

Ufanisa lokhu akwenzayo njengobizo njengoba futhi engumzalwane oyisisebenzi nasebandleni. Uthe ufisa ukuthi lezi zithangami zikhule, zigcine seziwuchungechunge oluzungeza zonke izindawo. Esithangamini sangalolu suku uMaNyambose uthe ubophele izikhulumi ezinohlonze, okubalwa kuzo umsakazi weVuma FM, uMfu Phumlani Nkwanyana, ummeli ozochaza kabanzi ngezinhlobo zemishado, uNksz Nolwazi Malimela, umbhali uMfu Busi Cava-Mkhize noNksz Ntokozo Madlala. Uthe uhlelo luzophathwa ngumsakazi weVibe FM, uNozipho Nzimande.

Ngo-2021 uMaNyambose uke wawenza umbuthano walolu hlobo eWitbank, eMpumalanga, kanti ngonyaka ozayo uhlela ukuwubambela kwelinye idolobha. Njengamanje  uqedela izifundo zeMinistry of Counselling eDurban Christian Centre Bible Institute ngenhloso yokulekelela abadinga ukwelulekwa ngokomphefumulo. UMaNyambose, okhulele eNanda, uke wabamba iqhaza emisakazweni eminingi. Ungumbhali owake wahlabana ngezindondo ezintathu kuma-The Book Behind Awards.

UNKSZ Zanele "MaNyambose" Mthethwa uzokwethula incwadi ethi Bruised But Not Broken eBerea Congregational Church eMusgrave

Image: SITHUNYELWE

UNKSZ Zanele "MaNyambose" Mthethwa uzokwethula incwadi ethi Bruised But Not Broken eBerea Congregational Church eMusgrave

Image: SITHUNYELWE