UMnuz Comfort Khumalo oyiMeya yaseMkhanyakude osekhuze ukuphuza entsheni njengoba kubhekwe esikhathini samaholidi kaKhisimuzi
Image: Sithunyelwe
UMEYA waseMkhanyakude uMnuz Comfort Khumalo useveze ukuthi yena akawathandi amaloli aletha amanzi emphakathini, njengoba enezinqinamba ezihlukene.
Ukusho lokhu ethula uhlelo lwesabelo esididiyelwe esingaphezu kukaR1 billion, KwaSomkhele, eMtubatuba.
UKhumalo uthi akufunayo ukusebenza kanzima ukuze amanzi ahambe namapayipi afinyelele noma yikuphi la befuna khona.
Umphakathi waKwaSomkhele obuhambele isabelo esididiyelwe ebesethulwa ngokuhlanganyela uMasipala waseMkhanyakude nowaseMtubatuba
Image: Sithunyelwe
Uthi uhlelo lwamaloli lunezinqinamba eziningi okukhona kuzo ukudla imali enkulu nokungaba ngcono uma bezithengela awabo.
Ukusho lokhu ngesikhathi ehambise uhlelo lwesabelo esididiyelwe obeluhlanganisa uMasipala waseMkhanyakude nowaseMtubatuba.
UKhumalo uthe ingqinamba yamanzi iyona enkulu kakhulu futhi bamatasa nayo manje.
"Amaloli mina angiwathandi futhi ngizosebenza kanzima ukuthi siyawaqeda lawa aqashwayo sizithengele awethu, ngoba ayabiza futhi awawahambisi kahle amanzi emphakathini. Sizimisele ukuthi sikhande uhlelo olizohambisa amanzi ngamapayipi emphakathini singagcini lapho senze nohlelo lokuwagubha phansi ukuze abantu bakithi bayeke ukuhlupheka kangaka, " kusho uKhumalo.
Uthe olunye uhlelo oluzodla imali engaphezu kukaR90 million elokwakha indawo ekuzochithwa kuyo indle nokuvelayo ukuthi iyadingeka.
"Ziningi izindawo eziyosiza ukulekelela ohlelweni lwendle ngokwakhiwa kwale ndawo. Esikunxusayo kodwa kakhulu ukuthi abantu abakhokhele izikweletu zabo zamanzi ukuze sizosombulula inkinga yamanzi esibhekene nayo. Abantu esizobayeka abahola impesheni nabangasebezi, kodwa laba abakuyeka ngamabomu lokhu ake sibambisane nabo, okunye abantu abayeke ukuzoxhumela amanzi ngoba lokhu kudala ukuthi angafinyeleli kwabanye, " kuchaza yena.
Uthe njengoba kubhekwe esikhathini samaholidi uyazi abantu bazozitika ngophuzo oludakayo nokwenza kwande izingozi zomgwaqo nesihlava sokubulalana kwabantu abathandanayo."Ngicela nehlise etshwaleni mphakathi wakithi, izigameko ezikhathazayo ezivelayo ngalesi sikhathi zisishiya simangele kakhulu. Ngiyacela ukuthi ke kwehliswe etshwaleni ikakhulukazi abesifazane abasebancane, kulo nyaka asilindele zigameko ezinyantisayo kanjalo nezingozi zomgwaqo, " kuphetha uKhumalo.
Related Topics: