Izindaba

Angase athathelwe izinyathelo uNkabinde

Sabelo Nsele|Updated

Advocate Norman Arendse SC

Image: Armand Hough / Independent Newspapers

UMNUZ Cedric Nkabinde oyisikhulu sabasebenzi ehhovisi likaNgqongqoshe wamaPhoyisa osamisiwe, uMnuz Senzo Mchunu, uzidonsele amanzi ngomsele ebanjwa ngunoxhaka ngesikhathi ethula ubufakazi ekomitini lasePhalamende elikhethekile.

Ikomiti lasePhalamende lingase lithathele uNkabinde izinyathelo zomthetho emva kokuba kuvele ukuthi uqambe amanga efungile ngesikhathi evele phambi kwalo izolo.

Cedric Nkabinde

Image: Armand Hough / Independent Newspapers

Usihlalo wekomiti, uMnuz Soviet Lekganyane, uthe balindele ukuthi ithimba labameli libatshele ukuthi yiziphi izinyathelo abangazithatha.

I-EFF ivele isishilo ukuthi izovulela uNkabinde icala lokuqamba amanga efungile.

UNkabinde, oqale ngomfutho, usheshe wahluleka wukubambelela emajikeni.

Inkinga iqale ngesikhathi kuvela ukuthi ubufakazi bukaNkabinde buyashayisana nokubhalwe phansi encwadini yakhe efungelwe ngobudlelwano bakhe nosomabhizinisi osematheni, uMnuz Brown Mogotsi.

Cedric Nkabinde

Image: Armand Hough / Independent Newspapers

UNkabinde utshele amalungu ekomiti ukuthi waqala ukwazana noMogotsi phakathi kuka-Okthoba noNovemba ngonyaka odlule.

UNkabinde uthe inombolo kaMogotsi wayinikwa nguMchunu, emcela ukuba amhlelele umhlangano.

Ngaleso sikhathi uMchunu wayehlela ukuhambela lapho kwakuvaleleke khona abantu abavukuza ngokungemthetho emayini iStilfontein, ngoNovemba ngonyaka odlule.

Ilungu le-MK, uMnuz Sibonelo Nomvalo, lithe lokhu kuyashayisana nokusencwadini efungelwe elethwe nguNkabinde phambi kwekomiti.

UNomvalo uthe encwadini efungelwe uNkabinde uveze ukuthi ngoSepthemba ngonyaka odlule wayevele esenayo inombolo kaMogotsi.

UNomvalo uthe kunengxenye lapho uNkabinde aveza ukuthi uKhomishana wamaPhoyisa KwaZulu-Natal, uLieutenant General Nhlanhla Mkhwanazi, wambuza ngoMogotsi, ngoSepthemba ngonyaka odlule.

Ngesikhathi uMkhwanazi ebuza uNkabinde, uMchunu wayehambele eLusikisiki lapho kwakubulewe khona abantu ngoSepthemba ngonyaka odlule.

"Lapha esitatimendeni uthi wamphendula uMkhwanazi ngokuthi uMogotsi usondelene noMchunu, waze wathumela ngisho nenombolo yakhe ukuqinisekisa. Le ngxoxo yenu yayingoSepthemba, manje ususitshela ukuthi waqala ukuba nenombolo kaMogotsi ngoNovemba. Iyadida le nto."

UNkabinde uthe ezinye izinto akasazikhumbuli kahle, wakhala ngokuthi amaphoyisa ashaqa zonke izinsiza zakhe zokuxhumana.

Amalungu ekomiti abethukuthele egane unwabu ayalele uNkabinde ukuba ayoqala phansi azilungiselele kabusha.

ULekganyane uthe kusobala ukuthi uNkabinde ucasha ngesithupha uma ekhala ngokuthi bezingekho kuyena izinsiza zokuxhumana ngesikhathi elungiselela umhlangano.

"Ubengakwazi ukuthola imininingwane kwabanye abantu asebenza nabo. Uqambe amanga ngamabomu nje. Ubengakwazi ukuthola ukuthi uMchunu waya nini eLusikisiki. Le nto igcwele embikweni wezindaba. Ufike lapha wafunga ukuthi konke azokukhuluma kuyiqiniso. Abameli kufanele baseluleke ukuthi yiziphi izinyathelo esingazithatha."

Cedric Nkabinde

Image: Armand Hough / Independent Newspapers

Ilungu le-EFF, uNksz Leigh-Ann Mathys, lithe bazovulela uNkabinde icala.

"Kufanele aboshwe lo muntu. Akenzanga nje iphutha elincane kodwa uqambe amanga ngamabomu."

Ilungu le-PA, uMnuz Ashley Sauls, lisole amalungu ekomiti ngokuqinisa isandla kuNkabinde.

USauls uthe noMkhwanazi kukhona okungelona iqiniso akusho ngesikhathi evele ekomitini, waze wakuhoxisa ngokuhamba kwesikhathi.

UMkhwanazi wayekade ethe owayengungqongqoshe wamaphoyisa, uMnuz Bheki Cele, wathola imali kusomabhizinisi obhekene noxhaxha lwamacala, uMnuz Vusumuzi "Cat" Matlala.

Wabuye wazihoxisa lezi zinsolo, waxolisa.

Ngasekuqaleni kobufakazi bakhe uNkabinde uchaze kabanzi ngobudlelwano bakhe noMkhwanazi.

UNkabinde uthe bangabangani abakhulu noMkhwanazi, wathi unezimfihlo ngoMkhwanazi ayoze angene nazo egodini.

UNkabinde uthe kwamumangaza ukuzwa uMkhwanazi ekhuluma kabi ngaye.

"Okwangifikela nje wukuthi umngani wami ungidinelwe. Wayecasulwe wukuthi ngaqopha inkulumo yethu efonini. Umngani wami wayengeke athi anginazo iziqu ekubeni kunguye owangisiza ukuba ngithole umsebenzi. Uyazi ukuthi nginaziphi iziqu, saze sahleka sobabili ngesikhathi sibona ukuthi sineziqu zemfundo ezifanayo. Ngakho-ke umngani wami wayecasukile nje, wayezama ukungcolisa igama lami. Sisazoyikhuluma le nto naye. Namanje usewumngani wami."