Izindaba

Uboshwe ekubhaceni ogence intombi nendodakazi wadlwengula enye

Nokubongwa Phenyane|Updated

UZOFIHLWA kusasa owesifazane ogencwe yisoka lakhe, lamshisa nendlu wafa

Image: SIGCINIWE

UZOFIHLWA kusasa owesifazane waseShanelweni Reserve, eNgome, ngaseVryheid, ogencwe ngembazo yisoka lakhe, lamshisa nendlu laphinde langenca indodakazi yakhe, lase lidlwengula enye.

Kulesi sigameko esenzeke ngeledlule, kusolwa ukuthi lo wesifazane (esingeke simgagule ukuvikela isithunzi sengane yakhe okuthiwa idlwenguliwe) uxabane nomsolwa oneminyaka engu-48, kwashunqa uthuli.

Ekhuluma neSolezwe umfowabo kamufi, uthe yena uvuswe womakhelwane nonkosikazi wakhe omdala, bemtshela ukuthi kuyasha emzini kadadewabo.

"Namanje asazi ukuthi yini eholele ekutheni umsolwa enze isigameko esifana nalesi ngoba bese kuyisikhathi ethandana nodadewethu. Ntambama kuzosa kwenzeke lesi sigameko ngambona udadewethu, ngidlula ngemoto wangibingelela, wathi ngiphetheni emotweni. Engakubona kuye ukuthi ubudlile kancane kodwa saxoxa ngase ngihamba ngiya emzini wami," kusho umfowabo kamufi.

Uthe kumthusile afike wakubona emzini kadadewabo njengoba bafica indlu isishe yaphela umshana wakhe elimele kabi, nangcina ngokuthi amthathe amyise emtholampilo.

"Ngendlela naye amgenca ngayo, ngokwakhe wayethi umbulele naye. Uma simbuza akashongo lutho ngaphandle kokusitshela ukuthi umsolwa nguyena ogile lesi siga. Lona omunye wathathwa ngamaphoyisa nokuvela ukuthi uwatshele ukuthi bezwa ngomsindo ezintatha umsolwa engena egelekeqela endlini ababelele kuyo, wafika wangenela udadewabo ngembazo, wase ethatha lona omunye wayomdlwengula ehlathini eliseduzane," kuchaza yena.

Uveze ukuthi umzimba kadadewabo obefake ukhonkolo - ngemuva kokushayiswa imoto - ubushe waba wumlotha, kusele indawo encane emhlane ebinenyama, ewelwe othayela bendlu, wathi kumshana wakhe kumbulwa kwembeswa esibhedlela esikhulu eThekwini, njengoba agcina eyiswe khona ngenxa yokulimala kabi.

"Ngifisa lona omunye athole usizo lokwelulekwa ngengqondo ngoba yena noma umbona ukuthi akanakile kodwa inkulu into emvelele futhi siyakukhuthalela ukuthi adle amaphilisi awathole kodokotela," kuchaza yena.

Isolezwe lithole ngephoyisa elingagunyaziwe ukukhuluma nabezindaba ukuthi umsolwa ubhekene namacala ayisithupha okukhona kulo elokubulala, elokuzama ukubulala, elokushisa, elokuthumba namabili okudlwengula.

Okhulumela amaphoyisa, uColonel Robert Netshiunda, uthe umsolwa uvelile enkantolo, uzobuyela maduze eseyofaka isicelo sebheyili.

Uthe amaphoyisa ophiko iK9 Unit aseVryheid ngokubambisana nawaseHlobane, aphume umkhosi ebheka umsolwa otholwe ebhace endaweni yaKwaMnyathi.