U-DJ Sbu usolwa ngokuchema isidana neMK Party
Image: SIGCINIWE
UMSAKAZI wohlelo lwasekuseni kwiRadio 2000, uSbusiso "DJ Sbu" Leope nozakwabo uLelo Mzaca noNathi Ndamase, basobishini kangangoba sebeze babikwa nakwikhomishini ecubungula izikhalo zabalaleli, iBroadcasting Complaints Commission of South Africa (BCCSA) ngenxa yokusolwa ngokuchema neMK Party.
Omunye wabalaleli balesi siteshi ubhalele iBCCSA incwadi esola uSbu noLelo ngokuchema isidana neqembu likaMnuz Jacob Zuma. Lo mlaleli ulibeke ngembaba elokuthi laba basakazi beBig Breakfast bangabalandeli beMK Party ngenxa yokuthi abangeni ezintangeni ngokuthi bazizwa kanjani ngoZuma neMK Party.
"Uma bekhuluma nothize, bayachema. Abasakazi kufanele bangachemi uma bebeka imibono yabo. Abakwazi ukusebenzisa umsakazo ukufeza izinhloso zabo zezenkolo noma zezepolitiki," kusho umlaleli encwadini okuthiwa uyibhalele iBCCSA.
Okhulumela iSABC, uMmoni Ngubane, ukuqinisekisile ukuthi basitholile isikhalo salo mlaleli kwiBCCSA.
"Njengoba bekungokokuqala lesi sikhalo sivela, iSABC, ngokulandela imigomo yayo, izosicubungula bese ithatha izinyathelo ezifanele uma kunesidingo," kuphetha uMmoni.
U-DJ Sbu usemnkantshubomvu kule ndima yezokusakaza njengoba eseneminyaka engaphezu kuka-20 eyibambile insimbi ishisa.
Waqala ukusakaza esiteshini somphakathi wangakubo iVoice of Tembisa, wadlulela kwiYFM, Metro FM noKhozi FM. Ubuye wasungula isiteshi sakhe ebesisakaza ezinkundleni zokuxhumana iMassiv Metro.
Waxoshwa kwiMetro FM ngenxa yokukhangisa ngesiphuzo sakhe, iMo Faya, kumaMetro FM Music Awards ayesakazwa bukhoma ngo-2015.
NgoFebhuwari, wakulo nyaka, uke wamemezela ukuthi useyashiya kwiRadio 2000, kodwa wabuye washaya ingqimphothwe.
UDJ Sbu usolwa ngokuchema isidana neqembu likaMnuz Jacob Zuma
Image: SIGCINIWE
UDJ Sbu usolwa ngokusebenzisa iRadio 2000 ukukhankasela iMK Party
Image: SIGCINIWE