UBUHOLI obuphezulu kuMasipala waKwaNongoma buholwa yiMeya uMnuz Mbekezeli Zondo nemenenja uMnuz Mpumelelo Mnguni, bunikele ngemali ezikoleni ezihlukene kule ndawo ukuze kusizakale abafundi ababhala u-matric
Image: Sithunyelwe
KUBONGWE othisha ngokuzinikela ngesikhathi sokubhalwa kwezivivinyo zokuphela konyaka njengoba uMasipala waKwaNongoma unikele ngo-R250 000, ukuze izikole ezihlukene zikwazi ukuthenga ukudla.
IMeya yaKwaNongoma, uMnuz Mbekezeli Zondo, iveze ukuthi bakhethe ukukhipha imali engaka ukuze kuthengelwe abafundi ukudla, bangazitholi sebelambile njengoba sebehlala ezikoleni.
Ukusho lokhu kulo mcimbi obubanjelwe ehholo lasedolobheni laKwaNongoma, ngoLwesihlanu.
"Siyabonga kubona bonke othisha nabo bonke ababambe iqhaza kwezemfundo ukuqinisekisa ukuthi uNongoma wenza kahle kwezemfundo. Nathi sibone kungcono ukuthi sikhiphe kwesinakho ukufaka isandla sikhuthaze abafundi kanjalo nothisha. Ngiyathembisa ukuba nemiklomelo ukubonga labo abayophumelela kahle uma kuqala unyaka futhi sibafisela okuhle uma sebeya ezikhungweni zemfundo ephakeme kodwa engikudinga manje ukuthi nifunde futhi nonke niphase kahle," kusho uZondo.
Uthe bazimisele ukusebenzisana nezinyunyana ezibhekelele othisha ukuya phambili uma kukhona la zinesikhalo khona.
"Ngale mali siyazi ukuthi kuzothuleka umthwalo izikole ezibhekene nawo njengoba kwazeka ukuthi isimo sezimali asisihle kuhulumeni. Nakulo nyaka sibheke ukuthi sithole ngaphezu kuka-95% wokuphasa," kuchaza yena.
Abakade bemele izinyunyana okuyiNatu noSadtu basho ngazwi linye bebonga umasipala ngokwenzile, bathi kuyaqala ukuthi banikwe uxhaso oluzohamba ibanga elinde kulesi sikhathi sezivivinyo.
Related Topics: