UMNTWANA uPhilemon kaTshelendoda kaDinuzulu
Image: Facebook
ITHI isibeke amathemba ayo kuNkulunkulu ingwevu yaseNdlunkulu ehlaliswe lubhojozi wumlilo ongaziwa ukuthi udalwa yini ongqongqisa izindlu emzini wayo.
UMntwana uPhilemon kaTshelendoda kaDinuzulu uthe sekumcacele ukuthi ubhekene nempi yobumnyama.
Ukusho lokhu emva kokuba umlilo ungqongqise indlu yakhe enamagumbi ayisikhombisa emzini wakhe osoSuthu.
Bese kungokwesikhombisa kulo nyaka kuhlasela umlilo ongaqondakali emzini woMntwana uPhilemon.
UMntwana uPhilemon, wayethe ngeke athuthe endaweni ngesikhathi eqala ukuhlaselwa wumlilo, kodwa manje uthi usuyamfikela umcabango wokuthutha.
"Bengingakucabangi nhlobo ukuhanjiswa yisitha ngalolu hlobo endaweni, sengithembe uNkulunkulu ozongikhanyisela ukuthi yikuphi okudalekayo, okuzwokwenza inhliziyo yami nomoya wami uthole ukuphumula. Ympi yobumnyama lena engihluphayo. Kodwa- ke ngiyamethemba uNkulunkulu ngoba yena akahluleki, uyayiphendula imithandazo."
UMntwana uPhilemon uthe ufana nomuntu olele entabeni emva komlilo wangoMsombuluko.
"Njengamanje ngicuphe endlini yezingane. Eyami indlu ishe yaphela. Okwanamhlanje sengathi kudlula okunye. Indlu enamagumbi ayisikhombisa ishe yonke. Akuzange kuphume lutho phakathi. Bekuba ngcono kulokhu okunye ngoba bekuyaye kube khona okukhishwayo uma kusha lezi ezinye izindlu. Kulokhu akuzange kuphume lutho. Ngiphelile nje, angisele nalutho. Angisenazo ngisho nezinto zokugqoka."
UMntwana uPhilemon uthe umlilo wangoMsombuluko uhlule ngisho abezicishamlilo.
"Ngiyabona kubathiyile abezicishamlilo ngoba indlu ishe yaze yaphela phambi kwabo. Nami ngifonelwe ngiya edolobheni (KwaNongoma). Ngifike ngabuka, indlu ishe yaze yaphelela phambi kwami. Bekungasangeneki endlini. Indlu ineminyango emibili. Bekungangeneki kuyona yomibili iminyango ngendlela ilangabi ebelilikhulu ngayo. Abebekhona ekhaya bathi ababonanga ukuthi uqale kanjani, nabo bezwe sebemenyezwa, kuthiwa nanku umlilo. Asazi ukuthi sizoyithini indaba yalo mlilo ovele uqhamuke nje esithubeni."
UMntwana uPhilemon uthe uselala obenyoni ngoba akazi ukuthi umlilo uzophinde ugadle nini.
"Awukwazi ukuhlupheka engibhekene nakho. Selokhu kwasukela ngoFebhuwari ngidlala ukuhlupheka. Kuhlezi kuthengwa impahla yasendlini bese kuthi emva kwezinyangana nje bese kuphinde kuyasha. Izindlu sezishe zaphela lapha ekhaya. Nazo izindlu ezisele azinalutho phakathi, sekwasha yonke into eyayikhona."
Related Topics: