UMENGAMELI uCyril Ramaphosa
Image: X/GCIS
UMENGAMELI Cyril Ramaphosa uthe kobe uyaziphuthisela uMengameli waseMelika, uMnuz Donald Trump, uma egcine ewudubile umhlangano wamazwe angaphansi kweG20 ozokuba kuleli.
URamaphosa uthe ngeke kumsize ngalutho uTrump ukuduba umhlangano ngoba nakhu ekhala ngohulumeni wakuleli.
Usho kanjena ngesikhathi ekhuluma nabezindaba ePhalamende, ngoLwesithathu.
UTrump usanda kumemezela ukuthi yena kanye nezikhulu zaseMelika ngeke balubhade kuleli, njengoba esola uhulumeni wakuleli ngokucindezela amalungelo amaBhunu.
URamaphosa uthe uzoqhubeka umhlangano ekhona noma engekho uTrump.
"Kuyishwa ukuthi iMelika inqume ukungezi kwiG20. Ngokwesipiliyoni sami kwezepolitiki, ukuduba imihlangano akulekeleli ngalutho. Akufanele bacabange ukuthi njengoba bezokube bengekho bona umhlangano angeke uqhubeke. Umhlangano uzoqhubeka, bazokube bekhona bonke omengameli. Sizothatha izinqumo ezibalulekile. Ibona abazolahlekelwa. Baziphuthisela ngethuba lokuba yingxenye yokuthathwa kwezinqumo. Naye uTrump ngimtshelile ukuthi bayaziphuthisela ngokungezi kwabo la. Sizoqhubeka nomhlangano, sithathe izinqumo."
URamaphosa uthe unethemba lokuthi uTrump uzobuye ashintshe umqondo.
"Kufanele bayicabangisise le nto yabo. Ukuduba ngeke kubasize ngalutho. Engikwaziyo ukuthi umhlangano uzoqhubeka. Onke amabombo abheke eGoli. Ezinsukwini eziyishumi, wonke umuntu uzokube elapha eGoli."
Related Topics: