Ngizwe Mchunu NGIZWE Mchunu
Image: Itumeleng English
INKANTOLO iyalele owayengumsakazi woKhozi FM, uNgizwe Mchunu, ukuba axolise kuMphathiswa wokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu, uMfu Thulasizwe Buthelezi.
INkantolo eNkulu eMgungundlovu ngoMsombuluko iyalele uMchunu ukuba ahoxise aphinde asuse ezinkundleni zokuxhumana izinkulumo azenzayo ezigxibha uButhelezi.
UMchunu wazidonsela amanzi ngomsele ngesikhathi kunemibhikisho enodlame eVryheid, ngoSepthemba.
UMchunu wakhwela wadilika kuButhelezi kanye nabanye abaholi ngesikhathi kunemibhikisho yabantu ababekhala ngogesi.
UMchunu waya eVryheid, wafike wachapha abaholi waze wababiza ngemigodoyi. Wasola uButhelezi ngokuthi ufuna ukumbulala.
Lezi zinkulumo wazifaka nasezinkundleni zokuxhumana.
UButhelezi wabe eseya enkantolo eyocela ukuba iphoqe uMchunu ukuba ahoxise zonke izinkulumo zakhe azenza ngoSepthemba 11, 25 no-26.
IJaji Pillay liyalele uMchunu ukuba asuse ezinkundleni zokuxhumana zonke izinkulumo azenza ngoButhelezi.
"Nginquma ukuba izitatimende ezenziwa ummangalelwa ezinkundleni zokuxhumana iFacebook neTik Tok, ngoSepthemba 11, 25 no-26, ziyahlambalaza futhi azikho emthethweni."
UMchunu unikezwe izinsuku ezintathu ukuba axolise, inkantolo yaphinde yamyalela ukuba angaphinde aqambe amanga okuthi uButhelezi ufuna ukumbulala.
"Awuvumelekile ukuba uqhubeke nokwenza noma nokusabalalisa izitatimende ezingamanga ezithi uButhelezi ungumbulali noma uzama ukukubulala."
TULASIZWE Buthelezi
Image: KZN COGTA / Facebook
IJaji Pillay liyalele inkampani ephethe iFacebook neTik Tok, iMeta Platforms ukuba isuse zonke izinkulumo ezenziwa wuMchunu.
UMchunu neMeta Platforms bayalelwe ukuba bakhokhele izindleko zabameli.
UMchunu uthe akazi lutho ngesinqumo senkantolo.
"Kwenzeka kanjani ukuthi kuphume isinqumo senkantolo ungakaze unikezwe amaphepha akubizela enkantolo? Ingazelaphi yona leyo nkantolo njengoba isithi angixolise?"
UMchunu ubhoke ngolaka uma ebuzwa ukuthi uzoxolisa yini.
"Sengathi nani lolu xolo senilujahe kakhulu. Mina angazi lutho ngale nto futhi kade nganitshela nina zintatheli ukuthi ningabe nisangifonela zinj**," kusho uMchunu evala ucingo.
Bekungekhona okokuqala uMchunu echapha uButhelezi ngenhlamba ezinkundleni zokuxhumana.
Impi ephakwa wuMchunu ezinkundleni zokuxhumana yaqala ngesikhathi uButhelezi eseyimeya kuMasipala wesiFunda iZululand.
Izinkinga zikaMchunu zomthetho ziyanda njengoba ebhekene nelinye icala lokugxibha abantu abathandana nobulili obufanayo eNkantolo yezokuLingana.
Leli cala lafakwa yiKhomishini yamaLungelo Abantu emva kokuba uMchunu enqabile ukuhoxisa izinkulumo zakhe ezigxibha abathandana nobulili obufanayo.
Related Topics: