UMQONDISI wezokuShushiswa koMphakathi, u-Advocate Shamila Batohi
Image: X
AKAKAPHUMI ezingxavuleni uMengameli Cyril Ramaphosa, odabeni lokuntshontshwa kwezishaqane zamadola aseMelika epulazini lakhe iPhala Phala.
Inhlangano yezokuShushiswa koMphakathi, iNational Prosecuting Authority (NPA), ithe kusengenzeka uRamaphosa ashushiselwe leli cala lango-2020. Kwantshontsha imali ewu-580 000 wamadola aseMelika ayefihlwe kosofa.
Abantu abantshontsha le mali bahamba icala enkantolo kodwa uRamaphosa akazange athweswe icala.
Umqondisi walolu phiko, u-Advocate Shamila Batohi, uthe basalucubungula udaba lokulahleka kwemali epulazini likaRamaphosa.
Ukusho lokhu ngesikhathi evele phambi kwekomiti lasePhalamende eliphenya izinsolo ezenziwa uKhomishana wamaPhoyisa KwaZulu-Natal, uLieutenant General Nhlanhla Mkhwanazi.
U-Advocate Batohi ubuzwe ukuthi kungani uRamaphosa engakathweswa amacala njengoba abantu abantshontsha imali bona sebegqigqa enkantolo?
U-Advocate Batohi uthe amacala ahlukene kabili.
"Kukhona icala lokuntshontsha. Abantu abathinteka kuleli cala sebabekwa amacala. Kuphinde kube necala lokwehluleka ukudalula imali yangaphandle eyayigcinwe epulazini. Kuleli cala asikanqumi ukuthi bakhona yini abantu abazoshushiswa."
Kuke kwasuka umsindo ngesikhathi u-Advocate Batohi enqaba ukudalula igama lomshushisi omiselwe izinsolo zokusebenzisana nezigebengu.
U-Advocate Batohi ufike watshela amalungu ekomiti ukuthi kunomsebenzi omiselwe izinsolo zokusebenzisana nezigebengu kodwa wathi ngeke amgagule ngegama.
Amalungu ekomiti avuke inja ebomvu efuna ukwazi igama lomshushisi omisiwe. U-Advocate Batohi ugcine engalidalulanga igama.
U-Advocate Batohi ubuzwe ngokuhoxiswa kwamacala ayethweswe umfundisi waseNigeria, uTim Omotoso.
Inkantolo yakhomba ukungahleleki kweNPA ngesikhathi ihoxisa amacala angu-32 ayethweswe u-Omotoso.
Ubuzwe nangokuboshwa kwesikhulu sezinhloli esihola ithimba lamaphoyisa eliphenya ukubulawa kosopolitiki KwaZulu-Natal, uLieutenant General Dumisani Khumalo.
Ilungu le-ANC, uMnuz Xola Nqola, libuze ukuthi sasikhona yini isidingo sokuthi uKhumalo athweswe amacala obugebengu ekubeni icala asolwa ngalo elokungalandeli imithetho ngesikhathi kuqashwa abantu kwezezinhloli? U-Advocate Batohi uphendule ngendlela engacacile.
Related Topics: