UNGQONGQOSHE wezeziMali, uMnuz Enoch Godongwana, ethula isabelomali samaphakathi nonyaka ePhalamende izolo
Image: Jairus Mmutle/GCIS
AHLUKENE phakathi amaqembu ezepolitiki ngesimemezelo sikaNgqongqoshe wezeziMali, uMnuz Enoch Godongwana, okuthiwa sizotakula abantu bakuleli abadonsa ngodizili ngenxa yokubiza kokudla kanye nokucwila ezikweletini.
Nakuba iningi lamaqembu ezepolitiki lisishayela ihlombe isimemezelo sikaGodongwana sokuthi kuzokwehliswa isikali samandla emali sibe ku-3%, i-EFF ithe isimemezelo sikaGodongwana sizokwenza ukuthi babe baningi abantu abazodala izikweleti ngenxa yokwehla kwemali ezobe isikhokhwa abanezikweleti.
UGodongwana wenze lesi simemezelo ngesikhathi ethula isabelomali samaphakathi nonyakamali ePhalamende ngoLwesithathu.
Isikali samandla emali besikade siphakathi kuka-3% no-6%. Lesi sikali yisona esiba nomthelela uma ibhange loMbuso, iSA Reserve Bank, linquma ukwenyusa noma ukwehlisa imali ekhokhwa abanezikweleti.
Okhulumela iDA kwezezimali, Dkt Mark Burke, uthe isimemezelo sikaGodongwana sizobethula umthwalo abantu abacwile ezikweletwini.
"Kufanele ngabe kade sehliswa isikali, kuyishwa ukuthi iBhange loMbuso belingafuni ukusehlisa. Esikujabulelayo wukuthi ekugcineni abantu bazokwethulwa umthwalo. Lesi simemezelo sizoxazulula inkinga esibhekene nayo yokuba phezulu kwezindleko zempilo."
UMengameli Cyril Ramaphosa, uthe isimemezelo sikaGodongwana sizoholela ekuthuthukeni komnotho.
"Sizokwenza ukuthi kwehle imali ekhokhwa abanezikweleti. Lokho kuzokwenza ukuthi abantu bangacindezelwa yizikweleti. Lokhu kuzokhulisa umnotho kudale namathuba emisebenzi."
Usotswebhu we-IFP, uMnuz Nhlanhla Hadebe, uthe sisonke isabelomali sikaGodongwana sibuyisa ithemba.
"Sijabule kakhulu ngalesi sabelomali. Kusobala ukuthi usayibambe ngakho uhulumeni ophethe. Into nje esifuna ukuyigcizelela yilena yokuphathwa kahle kwemali. Ukungaphathwa kahle kwemali kungaphazamisa lezi zinhlelo ezinhle kangaka esizibonayo."
Umholi we-EFF, uMnuz Julius Malema, uthe isimemezelo sikaGodongwana sizokwenza ukuthi babe baningi abantu abazofuna ukuboleka imali ngenxa yokuthi izobe isinciphile imali ezobe ikhokhwa abanezikweleti.
"Sonke-ke siyazi ukuthi lokho kuzolimaza abantu. Le nto nje uGodongwana uyitshelwe abantu abatshala imali, phela uzwa ngabo abatshalimali."
I-MK iyihlabe yayihlikiza inkulumo kaGodongwana. Ilungu leMK, uMnuz Thulani Gamede, lithe uGodongwana akazange asho lutho ngezinto ezithinta abantu.
"Yihlazo leli. UGodongwana akazange asho lutho ngodaba lokuntuleka kwamathuba emisebenzi, indlala kanye nokungalingani. Akashongo lutho ngodaba lokubuyiswa komhlaba. Le nto ikutshela ukuthi la bantu abanandaba. Abantu bahlaliswe lubhojozi wubugebengu, abantu abasha abasebenzi."
Related Topics: