UMETHULI wohlelo lweMoja Love, uXolani Khumalo, ufungiswe njengekhansela kwiCity of Ekurhuleni Metropolitan Municipality
Image: Instagram/xolanikhumalofoundation
NAKUBA inkonyane izobe ithuka isisinga kumethuli wohlelo lweMoja Love, iSizok'thola, uXolani Khumalo, kodwa uthe akaboni ezohluleka ukulethela bantu baseKurhuleni intuthuko. UKhumalo, oqokwe njengozongenela isikhundla sobumeya kumasipala, ukhulume kanje emuva kokufungiswa njengelinye lamakhansela kuMasipala waseGauteng, iCity of Ekurhuleni Metropolitan Municipality izolo.
Uthe le ngqayizivele yethuba akayitholanga ngokwenzelelwa kodwa ugixabezwe ngayo ngenxa yamagalelo akhe okusebenzela umphakathi ngokuzikhandla.
"Hhayi ngoba ngazi ukuthi umkhandlu usebenza kanjani noma ngazi imigomo ethize kamasipala kodwa uma abanye abantu bekwazi ukwenza lo msebenzi, nami ngingakwazi."
Uthe kusho lukhulu kuye ukusebenzela umphakathi waseKurhuleni ngaphansi kweqembu angaphansi kwalo i-ActionSA.
UKhumalo uthe uzohamba ezinyathelweni zikaMengameli we-ActionSA, uMnuz Herman Mashaba, owayengenawo amava okusebenzela umkhandlu kodwa waphumelela ngenxa yokuthi wayephokophele.
"Nabu ubufakazi obuphathekayo bokuthi izinto ziyenzeka, uMashaba, wayegabe ngolwazi oluncane noma engenamava ngokusebenza njengemeya yomkhandlu kodwa waphumelela ukwenza umsebenzi."
Uthe ukwenza lo msebenzi akufani nokusebenza kwerobhothi lona okufanele uligxishe ulwazi ukuze lisebenze ngendlela kodwa uma kunabantu nokwesekwa noma kanjani akukho okungeke kwenzeke.
"Ngizolokhu ngixhumana nobuholi bami,ngiyakholwa wukuthi ulwazi namava engizokuthekela kwamanye amakhansela, kuzongilekelela kakhulu."
UKhumalo uvumile ukuthi umsebenzi abhekene nawo awulula neze ngenxa yokuthi umkhandlu unezinselelo zawo.
"Ngiyile ekhandlwini ngoLwesine lwangesonto eledlule, ngibone ukuthi izinto zenziwa kanjani. Ngibonile ukuthi akunabungani ikakhulukazi uma ungeyena ubhululu weqeqebana elithize labantu. Ngakho bazokuvivinya ukuhlola ukuthi uzohamba ugcinephi kodwa sizofa siyakhona."
Ngokusho kwe-ActionSA, uKhumalo uqokwe ngenhloso yokuthi athole amava kulo msebenzi kamasipala nokuthi azi nezinselelo okufanele azinqobe ngaphambi kokubhekana nesikhundla esiphezulu. UKhumalo ufungiswe nozakwabo uMnuz Gavin Siti.