Izindaba

INdlulamithi imthanda nezingane zakhe uMaMyeni

Sabelo Nsele|Published

ISILO uMisuzulu Sinqobile kaZwelithini noNdlunkulu uNomzamo Myeni Zulu

Image: Facebook/ EFF

ISILO uMisuzulu Sinqobile kaZwelithini sithi simthanda noma enezingane uNdlunkulu uNomzamo Myeni Zulu. 

IMbube ithe kayinendaba laba abagxeka isenzo sayo sokuthatha umuntu onezingane. Ikusho lokhu emcimbini wasebusuku emva komgcagco wayo obusesigodlweni KwaKhangelamankengane. Udwendwe lweMbube noMaMyeni lukhuphuke ngeSonto. 

Kusukeka kwavela izindaba zobudlelwano beMbube noMaMyeni ngo-2023, bekulokhu kukhona abakhuza ibhadi, bekhala ngokuthi iMbube ithatha umuntu onezingane.

Iphawula okokuqala ngalabo abayigxekayo, iMbube ithe ukuthi umuntu uzele akusho lutho ngoba inhliziyo idla ekuthandayo.

"Ngihlezi ngizwa kukhulunywa, kuthiwa uMaMyeni unezingane kukhona lokhu nalokhu. Uma umuntu umthandile, umthandile. Mina ngizolandela eyami inhliziyo."

Ngesikhathi iSilo sisho kanje, kuqhume umkikizo noBayede etendeni ebeligcwele phama.

INdlulamithi yamakhosi ithe akukho okuzoyihlukanisa noMaMyeni. 

"Uma kuwukuthi mhlawumbe oMdolomba (abakwaMyeni) banginikeze iphasela engingalazi ukuthi linjani, uma libheda ngizozilungisela mina. Ngizozilungisela kahle nje futhi."

Bekukuhle kudelile emcimbini wasebusuku obuhanjelwe yizicukuthwane okubalwa kuzo nabaholi bezepolitiki.

Esinye sezicukuthwane, uMnuz Julius Malema, ongumholi we-EFF, uzwakalise ukweseka kwakhe iSilo. UMalema uthe bayohlezi beseseka iSilo kuzona zonke izinselelo esibhekene nazo.

"Sithe asizifikele lapha ukuze sizozwakalisa ukuthi siyohlezi simi neSilo kunoma ibuphi ubunzima esizobhekana nabo. Lokhu sakusho ezitatimendeni esazikhipha kodwa namhlanje sibone kungcono sizifikele mathupha ukuze nalaba abangabazayo bezobona ngempela ukuthi simi neSilo."

UMalema uncome iSilo ngokugcina amasiko.

"Lokhu kwenza ukuthi uZulu ube ngaphezulu kwezinye izizwe esezikhohliwe amasiko azo. Ezinye izizwe sezizikhohliwe ukuthi zingobani, uZulu usifundisa ukuthi siziqhenye ngemvelaphi yethu."

UMalema uveze ukuthi ukhunyuliswe imbatha eliwumbombayi.

"Ngesikhathi ngifika lapha bengihambela phezulu, ngizitshela ukuthi ngifake imbatha langempela. Ngathumela uNobhala Jikelele we-EFF, uMnuz Marshall Dlamini, ukuba ayongithengela ngoba ngizitshela ukuthi wazi kabanzi ngemvunulo. Kukhona indoda evele yangitshela ukuthi umbombayi lona engiwufakile. Inginikeze elangempela."

UMalema uthe inani lembatha lengwe limshiye ekhala ezithulisa.

"Bengizitshela ukuthi le ndoda inginika imbatha ngoba ingithanda, kanti angibuzanga elangeni. Le ndoda inginikeze umshini wokukhokha. Ngitshelwe ukuthi liwu-R35 000. Imbatha libiza lifana neLouis Vuitton! Kodwa ke into enhle leyo. Nathi okwethu kufanele kubize inani elifanayo nezimpahla zaphesheya zokugqoka."

Okuqaphelekile odwendweni lweMbube, ukungabonakali kwabaseNdlunkulu okubalwa kubo abaNtwana abazalwa neSilo esigodlweni KwaKhangelamankengane noNdlunkulu beSilo uGoodwill Zwelithini kaBhekuzulu.

Bekunongabazane ngesikhathi kulungiselelwa udwendwe njengoba lungazange lumenyezelwe ihhovisi leSilo noma yiphini likandunankulu kaZulu.